Izinceku ZikaNkulunkulu Zifana Nemithi—Ngaziphi Izindlela?
EKHULUMA ngomuntu ojabulayo ngezimiso zeBhayibheli futhi ozisebenzisayo ekuphileni kwakhe, umhubi uthi: “Ngokuqinisekile uyoba njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.” (IHubo 1:1-3) Kungani lokhu kuqhathanisa kufaneleka?
Imithi ihlala isikhathi eside kakhulu. Ngokwesibonelo, eminye imithi yeminqumo esendaweni yaseMedithera kuthiwa sekuyiminyaka eyinkulungwane eyodwa kuya kwezimbili ikhona. Ngokufanayo, imithi ye-baobab ese-Afrika ephakathi ihlala isikhathi eside kakhulu, kanti i-bristlecone pine eCalifornia kuthiwa sekuyiminyaka engu-4 600 ikhona. Ehlathini, imithi emidala ivame ukuba usizo ezintweni eziyizungezile. Ngokwesibonelo, imithi emide yenzela amahlumela umthunzi, kanti amacembe awohloka ezihlahleni avundisa umhlabathi ngaphansi.
Imithi emide kunayo yonke emhlabeni ivame ukutholakala endaweni eyodwa ehlathini, lapho isekelana khona. Njengoba izimpande zayo zingase zithandelane, idlanzana lemithi eyisixhobo lingase limelane kangcono kakhulu nesivunguvungu kunesihlahla esimi sodwa okhalweni. Izimpande ezisabalele futhi zenza ukuba isihlahla sikwazi ukuthola amanzi anele nezakhi emhlabathini. Ngesinye isikhathi, izimpande zesihlahla zingase zijule zidlule ngisho nobude besihlahla uqobo lwaso, noma zingase zenabe kakhulu zedlule amahlamvu aso.
Kungenzeka ukuthi umphostoli uPawulu wayekhuluma ngesihlahla lapho echaza ukuthi amaKristu kufanele ‘aqhubeke emunye naye [uKristu], egxilile futhi akhiwe kuye futhi asimamiswe okholweni.’ (Kolose 2:6, 7) Ngempela, amaKristu angahlala eqinile okholweni kuphela uma ebambelela ngokuqinile kuKristu.—1 Petru 2:21.
Yiziphi ezinye izindlela izinceku zikaNkulunkulu ezingafaniswa ngazo nemithi? Njengoba imithi eyisixhobo isekelana, kanjalo bonke labo abahlala beseduze nebandla lobuKristu bathola ukusekela okuvela kwabakholwa nabo. (Galathiya 6:2) AmaKristu athembekile, avuthiwe futhi anezimpande ezingokomoya ezijulile, asiza amakholwa asemasha ukuba ahlale eqinile okholweni, ngisho nalapho ebhekene nokuphikiswa okunjengesivunguvungu. (Roma 1:11, 12) AmaKristu asemasha angahluma ‘emthunzini’ oyisivikelo wezinceku zikaNkulunkulu esezimnkantsh’ ubomvu. (Roma 15:1) Futhi wonke amalungu ebandla lobuKristu emhlabeni wonke ayazuza ekondliweni ngokomoya okuvikelayo okunikezwa “imithi emikhulu yokulunga,” insali egcotshiwe.—Isaya 61:3.
Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukuthi zonke izinceku zikaNkulunkulu zinethemba lokubona ukugcwaliseka kwesithembiso esiku-Isaya 65:22, esithi: “Izinsuku zabantu bami ziyoba njengezinsuku zomuthi.”
[Umthombo Wesithombe ekhasini 28]
Godo-Foto