Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 2/15 k. 32
  • Kungani OFakazi BakaJehova Behlala Befika Kwakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani OFakazi BakaJehova Behlala Befika Kwakho?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 2/15 k. 32

Kungani OFakazi BakaJehova Behlala Befika Kwakho?

KWAZIWA emhlabeni wonke ukuphikelela koFakazi BakaJehova abasuke beshumayela endlini ngendlu. Abanye abantu bayazibuza ukuthi kungani oFakazi behlala befika emizini yabo, ikakhulukazi uma esikhathini esidlule bengabonisanga sithakazelo esitheni esigijimini sabo. Izincwadi ezimbili ezivela eRussia ziyasiza ekuchazeni isizathu sabo.

UMasha, intokazi yaseKhabarovsk eneminyaka engu-19 ubudala iyavuma: “Uma ngikhuluma iqiniso, kudala, ngangibabalekela oFakazi BakaJehova.” Nokho, ngemva kokuba uMasha efunde omagazini abambalwa abanyatheliswa oFakazi, wasishintsha isimo sakhe sengqondo. Uyabhala: “Engakufunda kwakuthakazelisa kakhulu futhi kuvula ingqondo, kodwa okubaluleke nakakhulu, ukwaziswa okukulab’omagazini kwenza ubheke umhlaba ngenye indlela. Kancane kancane ngaqala ukuqonda ukuthi kungani abantu banikwa ukuphila.”

USvetlana ubhala esedolobheni lase-Ussuriysk, elithi alibe amakhilomitha angu-80 ukusuka enyakatho yeVladivostok: “Ngisanda kuqala nje ukufunda omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lab’ omagazini badingeka impela kulesi sikhathi sethu samanje. Ngiyazijabulela zonke izihloko. Ziyathakazelisa, ziyafundisa, futhi zivula ingqondo. Siyabonga! Siyabonga ngokuthi nikulo mhlaba futhi nenza umsebenzi omuhle nodingeka kangaka.”

Emhlabeni jikelele, oFakazi BakaJehova bawuthatha ngokungathí sina umbuzo womphostoli uPawulu ocabangisayo: “Bayozwa kanjani [abantu] kungekho oshumayelayo?” (Roma 10:14) Kunganjani uzinike imizuzu embala ubalalele oFakazi lapho befika kwakho ngesikhathi esizayo? Nawe, ungase uwujabulele umyalezo wenduduzo otholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela