Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 1/1 k. 32
  • Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 1/1 k. 32

Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela?

INGABE uzithola ukhandleka ngokomzwelo ngenxa yezinkinga zomkhaya, impilo, umsebenzi, noma eminye imithwalo esindayo? Kunjalo ngabantu abaningi. Futhi ubani namuhla ongathintwa ukuntuleka kobulungisa, ubugebengu, nobudlova? Impela, kunjengoba nje iBhayibheli lisho: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.” (Roma 8:22) Shono abantu abaningi bebuza: ‘Ingabe uNkulunkulu uyasikhathalela? Uyoke asisize nje?’

Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi kuNkulunkulu emthandazweni: “Nguwe wedwa oyazi kahle inhliziyo yabantwana babantu.” USolomoni wayeqiniseka ukuthi uNkulunkulu akagcini ngokusazi, kodwa futhi ukhathalela ngamunye ngamunye wethu. Wakwazi ukucela uNkulunkulu ukuba ‘ezwe esemazulwini’ futhi aphendule imithandazo yomuntu ngamunye owesaba uNkulunkulu omembulela “inhlupho yakhe nobuhlungu bakhe.”—2 IziKronike 6:29, 30.

Namuhla, uJehova uNkulunkulu usasikhathalela futhi usimema ukuba simnxuse ngomthandazo. (IHubo 50:15) Uthembisa ukuyiphendula imithandazo esuka enhliziyweni evumelana nentando yakhe. (IHubo 55:16, 22; Luka 11:5-13; 2 Korinte 4:7) Yebo, uJehova ulalela “[noma] yimuphi umthandazo, kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isicelo somusa esingase senziwe yinoma yimuphi umuntu noma yibo bonke abantu [bakhe].” Ngakho-ke, uma sibeka ithemba lethu kuNkulunkulu, sithandazele usizo lwakhe, futhi sisondele kuye, siyothola ukunakekelwa kothando nesiqondiso sakhe. (IzAga 3:5, 6) Umlobi weBhayibheli uJakobe uyasiqinisekisa: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela