Izwe Elingenabo Ubugebengu Esikhathini Esizayo
UMA ungase ukwazi, ake ubuke ngeso lengqondo izwe elingenazo izigebengu! Ngeke kusaba nesidingo samaphoyisa, amajele, noma izindlela zomthetho ezibizayo futhi eziyinkimbinkimbi zokulwa nobugebengu. Kulelo zwe umuntu ngamunye uyobe ekuhlonipha ukuphila kanye nempahla yabanye. Ingabe lokho kuzwakala njengephupho? Ungase ucabange kanjalo, kodwa lolu shintsho olumangalisayo luyilokho kanye iBhayibheli elikuthembisayo. Kunganjani ucabangele lokho imiBhalo ekubikezelayo mayelana nobugebengu kanye nobunye ububi obukulo mhlaba?
Encwadini yamaHubo siyafunda: “Ungafuthelani ngenxa yabenzi bokubi. Ungabi nomona ngabenza ukungalungi. Ngoba bayosheshe babune njengotshani, bayobuna njengotshani obusha obuluhlaza. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHubo 37:1, 2, 11) Ngempela, akekho ongavimba uNkulunkulu ukuba agcwalise lesi sithembiso kanye nazo zonke ezinye izithembiso zakhe ezikhuthazayo.
UNkulunkulu uzoziletha ngoMbuso wakhe lezi zibusiso. EMthandazweni WeNkosi, uJesu Kristu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele lo Mbuso ukuba ufike nokuba intando kaNkulunkulu yenziwe “nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Ngokushesha, uma sekubusa lowo Mbuso, akekho umuntu emhlabeni oyokwenza ubugebengu ngenxa yobumpofu, ukucindezeleka, noma ubugovu. Kunalokho, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.” (IHubo 72:16) Ngempela, uJehova uNkulunkulu uyonika wonke umuntu emhlabeni izinto ezinhle angaphezi. Okubaluleke nakakhulu, abantu bayobe bemthanda uNkulunkulu nomakhelwane, futhi umhlaba ngeke usaphinde ube nobugebengu.