“Indlela IZwi LikaNkulunkulu Elinamandla Ngayo Ngempela!”
“IZWI LIKANKULUNKULU liyaphila, linamandla.” (Hebheru 4:12) Lifakazela amandla eZwi likaNkulunkulu angahlulwa lutho, IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2003 lakhipha izindaba eziyisithupha zangempela zokuphila kwabantu ezivela ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba. Ngaphansi kwesihloko esithi “Ngaphambi Nangemva Kokufunda IZwi LikaNkulunkulu,” leli khalenda labonisa indlela umsebenzi woFakazi BakaJehova wokufundisa obasiza ngayo abantu ukuba bathuthukise ukuziphatha kwabo, balahle izindlela zokuphila ezilimazayo, baqinise ukuphila kwemikhaya yabo futhi bakhe ubuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu.
Kwamukelwe izincwadi eziningi ezibonisa ukwazisa ngaleli khalenda lika-2003. Nakhu okunye okwashiwo:
“Leli khalenda lingubufakazi kumaKristu eqiniso bokuthi bakhona abanye abafana nawo okuye kwadingeka balulwele kanzima ukholo. Manje angabuka izithombe azikhumbuze ngezinguquko amanye awo azenzile.”—USteven, e-United States.
“Bengifuna ngempela ukunibhalela la mazwi ambalwa nginazise indlela ikhalenda lika-2003 eliyithinte ngayo inhliziyo yami. Angikaze ngithintwe ikhalenda ngale ndlela. Lezi zindaba zokuphila kwabantu zizoba phakathi kwezinto engiziphatha esikhwameni sami sokushumayela ukuze ngibonise abantu ubufakazi obuphilayo nobuhlaba umxhwele bethonya iBhayibheli elingaba nalo kumuntu.”—UMarc, eBelgium.
“Langithinta kakhulu leli khalenda. Kwangihlaba umxhwele ngokujulile ukufunda ngibone indlela uJehova abaguqule ngayo laba bantu. Ngenxa yalokho, nginogqozi lokuqhubeka ngiguqula ukuphila kwami. Manje ngizizwa ngiyingxenye yabafowethu abasemhlabeni wonke ukwedlula noma inini ngaphambili.”—UMary, e-United States.
“UJesu sasimthinta kakhulu isimo esingokomoya esidabukisayo sezixuku. Ngiyanibonga ngokulingisa isibonelo sikaKristu ngokukhipha izindaba zokuphila kwabantu ezivela ekhalendeni lethu lika-2003. Angikaze ekuphileni kwami ngikhaliswe ikhalenda.”—UCassandra, e-United States.
“Kwathi ngineminyaka engu-11, ngaqala ukubhema; kamuva ngasebenzisa izidakamizwa. Ngangivame ukucabanga ngokuzibulala. Lapho ngiqala ukwazi uJehova, ngathola usizo lokuyiyeka leyo mikhuba. Leli khalenda libaluleke kakhulu kimi. Izibonelo zabafowethu nodadewethu abasemhlabeni wonke zingenza ngibe namandla. Manje sengiyazi ukuthi angingedwa kule mpi nokuthi into ebaluleke kakhulu uthando ngoJehova nokumkhonza ngenhliziyo yonke.”—UMargaret, ePoland.
“Yeka indlela iZwi likaNkulunkulu elinamandla ngayo ngempela! Lapho ngithola ikhalenda lika-2003, kwakunzima ukubamba izinyembezi. Lezi zindaba, kanye nezithombe, azive ziluqinisa ukholo.”—UDarlene, e-United States.
“Indlela abanye balaba bantu ababephila ngayo ifuze kakhulu indlela engangiphila ngayo. UJehova unginike amandla okuyeka imikhuba okwakubonakala ingenakunqobeka. Ngibonga kakhulu ngalezi zindaba zokuphila.”—UWilliam, e-United States.