Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 11/1 k. 32
  • “Ngathola Ubungane, Uthando Nokunakwa”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ngathola Ubungane, Uthando Nokunakwa”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 11/1 k. 32

“Ngathola Ubungane, Uthando Nokunakwa”

“BONKE bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Njengoba nje uJesu ayeshilo, uthando lwaba uphawu lwabazalwane bokuqala abangamaKristu. Ebhala eminyakeni engaphezu kweyikhulu ngemva kokufa kukaKristu, uTertullian wacaphuna abantu ababebabona bethi: ‘Ake nibheke indlela abathandana ngayo nendlela abazimisele ngayo ngisho nokufelana.’

Lusekhona yini uthando olunjalo emhlabeni? Yebo. Ngokwesibonelo, cabanga ngencwadi eyatholwa ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eBrazil. Owabhala leyo ncwadi, owesifazane okuthiwa uMarília, wabhala:

“Ngesikhathi sihlala eVilla Mercedes, e-Argentina, umama, ongomunye woFakazi BakaJehova, wangenwa isifo sokuqaqamba kwamathambo [osteoarthritis], samkhubaza isingenzansi. Ezinyangeni zokuqala eziyisishiyagalombili egula, oFakazi baseVilla Mercedes yibo ababemnakekela ngothando nangomusa. Babenakekela yonke into, behlanza umuzi wakhe bemphekela nokudla. Ngisho nangesikhathi umama esesibhedlela, kwakuhlala kunothile onaye, ubusuku nemini.

“Ngemva kwalokho mina nomama sabuyela eBrazil, lapho esalulama khona. Lapho sihlala khona manje oFakazi benza konke okusemandleni abo ukuze basize umama ukuba alulame.”

UMarília uyiphetha kanje incwadi yakhe: “Ngiyavuma ukuthi mina ngokwami angiyena uFakazi, kodwa koFakazi ngathola ubungane, uthando nokunakwa.”

Yebo, basekhona abantu ababonisa uthando lweqiniso lobuKristu. Ngokwenza kanjalo, babonisa ithonya izimfundiso zikaJesu ezingaba nalo ekuphileni kwethu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela