“Ningaboshelwa Ejokeni”
NJENGOBA ubona lapha, leli kamela nenkunzi okulima ndawonye kubonakala kuphatheke kabuhlungu kakhulu. Ijoka eziboshelwe kulo lezi zilwane—elenzelwe izilwane ezilinganayo ngobukhulu nangamandla—lenza zizwe ubuhlungu zombili. Ekhathalela inhlalakahle yezilwane ezisebenzayo njengalezi, uNkulunkulu wathi kuma-Israyeli: “Ungalimi ngenkabi nembongolo ndawonye.” (Duteronomi 22:10) Lesi simiso sasingasebenza nasenkunzini nekamela.
Ngokuvamile, umlimi wayengeke azithwese ubunzima obunjalo izilwane zakhe. Kodwa uma engenazo izinkunzi ezimbili, wayengase abophele lezo zilwane ezimbili anazo. Kusobala ukuthi yiloko lo mlimi wangekhulu le-19 okulo mfanekiso anquma ukukwenza. Ngenxa yokungalingani kwazo ngobukhulu nangamandla, esingenamandla sasingadonsa kanzima sizama ukugcina ijubane, esinamandla kudingeke sithwale kakhulu.
Umphostoli uPawulu wasebenzisa umfanekiso wokuboshelwa ejokeni kwezilwane ezingalingani ukuze asifundise isifundo esibalulekile. Wabhala: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa. Ngoba kunabudlelwane buni ukulunga nokungalungi na? Noma, ukukhanya kunasabelo sini nobumnyama?” (2 Korinte 6:14) UmKristu angaboshelwa kanjani ejokeni nomuntu ongafani naye?
Enye indlela kungaba ukuba umKristu ashade nomuntu onezinkolelo ezingafani nezakhe. Umshado onjalo ungabaphatha kabuhlungu bobabili, bangavumelani ezindabeni eziyisisekelo.
Lapho uJehova esungula umshado, wanika umfazi indima yokuba “umphelelisi.” (Genesise 2:18) Ngokufanayo, esebenzisa umprofethi uMalaki, uNkulunkulu wabiza umfazi ngokuthi ‘umngane.’ (Malaki 2:14) UMdali wethu ufuna ukuba imibhanqwana eshadile idonse iye ndawonye ngokomoya, ithwalisane imithwalo futhi izuze ngokulinganayo.
Ngokushada “kuphela eNkosini,” umKristu ubonisa ukuthi uyasihlonipha iseluleko sikaBaba wethu osezulwini. (1 Korinte 7:39) Lokhu kubeka isisekelo somshado onobunye, ongadumisa uNkulunkulu njengoba bobabili laba abashadile bemkhonza ‘njengabangane boqobo ejokeni’ ngomqondo okhethekile.—Filipi 4:3.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Camel and ox: From the book La Tierra Santa, Volume 1, 1830