Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“Ngiyakweshwama-ke Lokhu!”
UDOROTA, isikhonzi sesikhathi esigcwele esinguFakazi kaJehova ePoland, wahamba nendodana yakhe eneminyaka engu-14 ubudala lapho iyohlolwa emtholampilo wesikole, okuyinkambiso yesikole. Ngesikhathi udokotela, uJanina,a ehlola le ndodana, wabuza uDorota ukuthi indodana yakhe yenza misebenzi mini ekhaya.
UDorota waphendula wathi: “Uma ngingenakukwazi ukupheka, indodana yami iyaye isiphekele ukudla kwakusihlwa sonke esingumkhaya wabantu abayisithupha. Iyaye ihlanze nendlu isize nangokulungisa izinto ekhaya. Iyakuthanda ukufunda. Ingumfundi okhuthele.”
UJanina wathi: “Akukholakali. Sekuyiminyaka engu-12 ngisebenza la, kodwa angikaze ngiyizwe into enjena.”
Ebona ithuba lokuba afakaze, uDorota wachaza wathi: “Abazali abaningi namuhla bayehluleka ukuziqeqesha kahle izingane zabo. Yingakho ngokuvamile izingane zabo zingazihloniphi.”
UJanina wabuza wathi: “Ukwazelaphi konke lokhu? Abazali abaningi abazi lutho ngalezi zinto.”
UDorota waphendula wathi: “IBhayibheli liwumthombo oyigugu walokhu kwaziswa. Ngokwesibonelo, ngokukaDuteronomi 6:6-9, kudingeka sizifundise thina kuqala ukuze sifundise izingane zethu. Akufanele yini ukuba sizigxilise ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu kuqala izindinganiso esifuna ukuzigxilisa ezinganeni zethu?”
“Akukholakali,” kubabaza uJanina. “Akukholakali!” Wabe esebuza uDorota ukuthi iBhayibheli lamsiza kanjani ekukhuliseni nasekufundiseni izingane zakhe.
UDorota wachaza wathi: “Sifunda iBhayibheli masonto onke nezingane zethu. Sisebenzisa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.”b Wabe eseqhubeka eyichaza incwadi wakhuluma nangezinye zezihloko ezikuyo.
UJanina wababaza wathi: “Ngiyakweshwama-ke lokhu! Ngingakwazi ukuyibona leyo ncwadi?”
Ngemva kwehora, uDorota wabuya nayo leyo ncwadi.
“Usontaphi?” kubuza uJanina njengoba elokhu eyiphenya incwadi.
“Ngingomunye woFakazi BakaJehova.”
“OFakazi BakaJehova babaphatha kanjani abantu bezinye izinkolo?”
“Ngenhlonipho—njengoba nje ngenza kuwena,” kuphendula uDorota, futhi enezela ngokuthi: “Noma kunjalo, sifisa sengathi bangalazi iqiniso leBhayibheli.”
“Sengizizwa ngingcono kakhulu kwamanje,” kuvuma uJanina.
Esezohamba, uDorota wakhuthaza uJanina ukuba afunde iBhayibheli. “Lizokwenza ukuphila kwakho kube nenjongo futhi likusize emsebenzini wakho.”
UJanina wavuma, ethi, “Usungikhuthaze ngempela ukuba ngenze kanjalo.”
Ngokuhlakanipha nangokuzimisela, uDorota wenza ukuyohlolwa kudokotela kwaba ithuba lokunikeza ubufakazi obuhle.—1 Petru 3:15.
[Imibhalo yaphansi]
a Akulona igama lakhe.
b Ikhishwa oFakazi BakaJehova.