Usizo Lwangempela Lwabampofu
NGESIKHATHI uJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, esemhlabeni, wayebakhathalela ngobuqotho abampofu. Omunye ufakazi wokuzibonela washo lokhu ngenkonzo kaJesu: “Izimpumputhe ziyabona futhi, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanzwa nezithulu ziyezwa, nabafileyo bayavuswa, futhi kumenyezelwa izindaba ezinhle kwabampofu.” (Mathewu 11:5) Nokho, kuthiwani ngezigidi eziningi zabantu abampofu namuhla? Ingabe zikhona izindaba ezinhle abangatshelwa zona? Yebo, zikhona izindaba zethemba!
Nakuba izwe ngokuvamile lingabanaki futhi libakhohlwa abantu abampofu, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lithembisa lithi: “Ompofu ngeke alibaleke ngaso sonke isikhathi, nethemba labamnene ngeke lishabalale.” (IHubo 9:18) La mazwi aduduzayo ayogcwaliseka lapho uMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wangempela wasezulwini, uthatha isikhundla sayo yonke imibuso yabantu. (Daniyeli 2:44) Njengoba eyobe eyiNkosi yalowo hulumeni wasezulwini, uJesu ‘uyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu uyoyisindisa. Uyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni, igazi labo liyoba yigugu emehlweni akhe.’—IHubo 72:13, 14.
Kuyophilwa kanjani lapho uKristu esebusa umhlaba? Abayobe bephila lapho uKristu esebusa umhlaba bayojabulela izithelo zemisebenzi yabo. KuMika 4:3, 4, iBhayibheli lithi: “Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele; ngoba wona kanye umlomo kaJehova wamabutho ukhulumile.” UMbuso kaNkulunkulu uyoxazulula ngisho nenkinga yokugula nokufa. (Isaya 25:8) Kuyobe kuyizwe elihluke ngempela! Singazikholelwa lezi zithembiso zeBhayibheli ngoba ziphefumulelwe uNkulunkulu ngokwakhe.
Ngaphezu kokusitshela izindaba zethemba, iBhayibheli lisisiza sikwazi ukubhekana nezinkinga zansuku zonke, njengokuthi singakunqoba kanjani ukuzenyeza, okungabangelwa ukuba mpofu. Lapho etadisha iBhayibheli, umKristu oswele uthola ukwazi ukuthi uyigugu emehlweni kaNkulunkulu ngendlela efanayo nomKristu ocebile. Incwadi yeBhayibheli kaJobe ithi uNkulunkulu ‘akazange amcabangele kakhulu oyisicukuthwane kunophansi, ngoba bonke bawumsebenzi wezandla zakhe.’ (Jobe 34:19) UNkulunkulu ubathanda bobabili ngokulinganayo.—IzEnzo 10:34, 35.