Induduzo Kwabakhalela Usizo
IBHAYIBHELI aliyona incwadi ephathelene nokusebenza kwengqondo. Nokho, lisinikeza induduzo futhi lisisize sikujabulele ukuphila naphezu kwezinkathazo esibhekana nazo. ImiBhalo iwabeka kanje amaqiniso: “Umuntu, ozalwa owesifazane, uphila isikhashana futhi ugcwele ukuyaluza.” (Jobe 14:1) Ezinye zezinkathazo zethu zibangelwa ukungapheleli kwethu. Kodwa ubani ngokuyinhloko obangela ukuhlupheka kwesintu?
IBhayibheli lithi yisidalwa somoya esikhohlakele esibizwa ngokuthi uSathane noDeveli. ‘Udukisa umhlaba wonke owakhiwe’ futhi zibangelwa nguye izinkathazo eziningi ezikhungethe isintu. Nokho, iBhayibheli lisitshela nokuthi isikhathi sakhe siyaphela. (IsAmbulo 12:9, 12) Ngokushesha lonke usizi uSathane alulethele abantu basemhlabeni luzophela ngokuba uNkulunkulu athathe isinyathelo. NgokweBhayibheli, izwe elisha lokulunga elithenjiswe uNkulunkulu lizoqeda ukungabi nathemba.—2 Petru 3:13.
Akuve kududuza ukwazi ukuthi ukuhlupheka kwesintu kuyinto yesikhashana! Ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu wasezulwini oyobe uphethwe uJesu Kristu, ukungabi namthetho nokuhlupheka kuzophela. Ngokuphathelene nale Nkosi emiswe uNkulunkulu, imiBhalo ithi: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa. Iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni, igazi labo liyoba yigugu emehlweni ayo.”—IHubo 72:12-14.
Sesiseduze kakhulu isikhathi sokugcwaliseka kwala mazwi ayisiprofetho. Siyokwazi ukujabulela ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi ngaphansi kwezimo ezinhle. (Luka 23:43; Johane 17:3) Ukwazi lezi zithembiso eziduduzayo ezivela emiBhalweni kubanika ithemba nenduduzo labo abakhalela usizo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Depressed girl: Photo ILO/J. Maillard