Ingabe Siyabadinga Ngempela Abanye?
“LAPHO sihlola ukuphila kwethu nalokho esizama ukukwenza, ngokushesha siyaqaphela ukuthi cishe zonke izenzo nezifiso zethu zihlobene nokuba khona kwabanye abantu,” kwasho usosayensi odumile u-Albert Einstein. Wanezela wathi: “Sidla ukudla okukhiqizwe abanye, sigqoka izingubo ezenziwe abanye, sihlala ezindlini ezakhiwe abanye. . . . Umuntu uyilokho ayikho futhi unalokho kubaluleka anakho hhayi ngenxa yokuhluka kwakhe kwabanye kuphela, kodwa ngenxa yokuthi uyilungu lomphakathi omkhulu wabantu olawula ukuphila kwakhe okungokwenyama nokungokomoya kusukela ezalwa kuze kube sekufeni.”
Ezilwaneni, sivamile ukubona ubungane obulawulwa imizwelo. Izindlovu zihamba zibe yimihlambi, ziqaphe amankonyane azo ngokucophelela. Izingonyama zensikazi zizingela ndawonye bese zidla nezamaduna. Amahlengethwa adlala ndawonye aze avikele ngisho nezinye izilwane noma ababhukudi abasebunzimeni.
Nokho, ososayensi bezenhlalo baye baphawula ukuthi kubantu kukhona umkhuba obangela ukukhathazeka okukhulayo. Ngokwephephandaba laseMexico, abanye ososayensi banombono wokuthi “ukuzenza kwabantu onkom’ idla yodwa nokuwohloka kokuphila njengomphakathi osekungamashumi eminyaka kukhona kubangele umonakalo omkhulu emphakathini wase-United States.” Leli phephandaba lathi “inhlalakahle yesizwe ixhomeke ekushintsheni kwazo zonke izici zomphakathi, okuhilela ukubuyela ekuphileni njengomphakathi.”
Le nkinga yande ikakhulu kulabo abahlala emazweni athuthukile. Kunomkhuba owanda ngokushesha kwabaningi wokuzenza onkom’ idla yodwa. Abantu bafuna ‘ukuphila ukuphila kwabo bodwa’ futhi bamelena ngokuqinile nokuba abanye ‘bangenele ekuphileni kwabo.’ Kuthiwa lesi simo sengqondo siye senza kwaba lula kakhulu ukuba abantu babe nezinkinga zomzwelo, ukucindezeleka futhi bazibulale.
Ngokuphathelene nalokhu, uDkt. Daniel Goleman wathi: “Ukuzihlukanisa nomphakathi—umqondo wokuthi umuntu akanamuntu angamthululela isifuba noma angasondelana eduze naye—kulandisa ngokuphindwe kabili ithuba lokugula noma lokufa.” Umbiko owakhishwa iphephandaba i-Science waphetha ngokuthi ukuzihlukanisa nomphakathi ‘kunomthelela ofanayo emananini abafayo njengomkhuba wokubhema, umfutho wegazi ophezulu, amafutha amaningi kakhulu egazini, ukukhuluphala kakhulu nokungawuvocavoci umzimba.’
Ngakho, siyabadinga ngempela abanye ngenxa yezizathu ezihlukene. Asinakuzimela sodwa. Khona-ke, ingaxazululwa kanjani inkinga yokuzihlukanisa? Yini eye yenza ukuphila kwabaningi kwaba nenjongo yangempela? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngale mibuzo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
“Cishe zonke izenzo nezifiso zethu zihlobene nokuba khona kwabanye abantu.”—Albert Einstein