Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 7/1 k. 8
  • Uhlobo Oluhle Kakhulu Lothando

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uhlobo Oluhle Kakhulu Lothando
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ulandela “Indlela Ezidlula Zonke” Yothando?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • “Okukhulu Kulokho Luthando”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Uthando (Agape)—Lokho Olungeyikho Nalokho Oluyikho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • “Ngaphezu Kwakho Konke, Yibani Nothando Olukhulu”
    Hlalani Nilindile!
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 7/1 k. 8

Uhlobo Oluhle Kakhulu Lothando

EZINDAWENI eziningi kakhulu emiBhalweni YamaKristu YesiGreki, noma eThestamenteni Elisha, igama elithi “uthando” lihumusha igama lesiGreki elithi a·gaʹpe.

Lapho ichaza incazelo yalelo gama, incwadi i-Insight on the Scripturesa ithi: “[I-a·gaʹpe] ayiwona umuzwa nje, osekelwe ekusondelaneni nje kwabantu, njengoba kuvame ukucatshangwa kanjalo, kodwa iwuthando olusekelwe ekuvumeni ngokuzithandela ukwenza okuthile ngoba kuyisimiso, isibopho, into efanele; iwuthando olufunela abanye okuhle ngobuqotho ngokuvumelana nokulungile. I-a·ga’pe (uthando) iyabunqoba ubutha phakathi kwabantu, ingabuvumeli ukuba bubangele umuntu ashiye izimiso ezilungile aphindisele ngendlela efanayo.”

I-a·ga’pe ingahlanganisa nemizwa ejulile. Umphostoli uPetru wayala wathi: “Yibani nothando [a·ga’pe] olukhulu ngomunye nomunye.” (1 Petru 4:8) Ngaleyo ndlela, kungashiwo ukuthi i-a·ga’pe ihilela inhliziyo kanye nengqondo. Ake ucabangele eminye yemiBhalo ebonisa amandla nobubanzi balolu hlobo oluhle kakhulu lothando. Le miBhalo elandelayo ingakusiza: Mathewu 5:43-47; Johane 15:12, 13; Roma 13:8-10; Efesu 5:2, 25, 28; 1 Johane 3:15-18; 4:16-21.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela