Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 7/1 k. 30
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qapha—USathane Ufuna Ukukushwabadela!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • USathane
    I-Phaphama!—2013
  • Uhilelekile Empikiswaneni Ebalulekile
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ungubani USathane? Ingabe Ungumuntu Ongokoqobo?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 7/1 k. 30

Imibuzo Evela Kubafundi

KumaHebheru 2:14, kungani kuthiwa uSathane ‘unendlela yokubangela ukufa’?

Ngamafuphi, uPawulu wayesho ukuthi uSathane, yena uqobo noma ngamanxusa akhe, angabangela ukuba abantu bafe ngokoqobo. Ngokuvumelana nalokho, uJesu wabiza uSathane ngokuthi “umbulali wabantu kusukela ekuqaleni.”—Johane 8:44.

AmaHebheru 2:14 angase aqondwe ngokungeyikho ngenxa yendlela ezinye izinguqulo eziwahumusha ngayo, zithi uSathane ‘unamandla okufa’ noma “amandla okulawula ukufa.” (IBhayibheli lesiZulu elivamile; Revised Standard; New International Version; Jerusalem Bible) Ukuhumusha okunjalo kungenza kube sengathi uSathane unamandla angenamngcele okubulala noma ubani afuna ukumbulala. Nokho, kusobala ukuthi akulona iqiniso lokho. Ukube bekuyilo, cishe ngabe usabaqothula kudala abakhulekeli bakaJehova emhlabeni.—Genesise 3:15.

Inkulumo yesiGreki ehunyushwe ngokuthi “amandla okulawula ukufa” kwezinye izinguqulo, nehunyushwe ngokuthi ‘indlela yokubangela ukufa’ kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha, ithi “kraʹtos tou tha·naʹtou.” Ukuthi tou tha·naʹtou kuyisimo senkulumo esho “ukufa.” Elithi kraʹtos ngokuyisisekelo lisho “amandla.” Ngokwe-Theological Dictionary of the New Testament, lisho “ukuba khona nokubaluleka kwamandla kunokusetshenziswa kwawo.” Ngakho, kumaHebheru 2:14, uPawulu akasikiseli ukuthi uSathane unamandla angalinganiselwe okulawula ukufa. Kunalokho, uveza ukuthi uSathane uyakwazi ukubangela ukufa.

Uyisebenzisa kanjani uSathane ‘indlela yokubangela ukufa’? Encwadini kaJobe, sifunda ngesenzakalo esithile esithanda ukungavami. Ukulandisa kuthi uSathane wasebenzisa isivunguvungu ukuze ‘abangele ukufa’ kwabantwana bakaJobe. Nokho, phawula ukuthi uSathane wakwazi ukwenza lokhu ngoba kuphela ethole imvume kuNkulunkulu, imvume ayinikwa ngoba kunempikiswano ebalulekile eyayixazululwa. (Jobe 1:12, 18, 19) Empeleni, uSathane wayengenakumbulala uJobe uqobo lwakhe. Imvume yokwenza lokho wayengayinikwanga. (Jobe 2:6) Lokhu kubonisa ukuthi nakuba ngezikhathi ezithile uSathane eye wakwazi ukubangela ukufa kwabantu abathembekile, akudingeki sesabe ukuthi angasifihliza noma nini uma ethanda.

USathane uye wabangela ukufa nangokusebenzisa amanxusa angabantu. Ngakho, amaKristu amaningi aye afela ukholo lwawo, amanye ebulawa izixuku ezithukuthele noma ebulawa ngemiyalo yezikhulu zikahulumeni noma amajaji onakele.—IsAmbulo 2:13.

Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi uSathane uye wabangela ukufa ngokusizakala ngobuthakathaka bobuntu. Kudala ezinsukwini zika-Israyeli, umprofethi uBhalami wacebisa abakwaMowabi ukuba bayenge ama-Israyeli ‘ukuba angathembeki kuJehova.’ (Numeri 31:16) Lokho kwabangela ukufa kwama-Israyeli angaphezu kuka-23 000. (Numeri 25:9; 1 Korinte 10:8) Namuhla, abanye nabo bakhohliswa “amaqhinga” kaSathane, bayengelwe ekuziphatheni okubi noma kweminye imikhuba uNkulunkulu angayifuni. (Efesu 6:11) Yiqiniso, abanjalo abafi ngaleso sikhathi. Kodwa bazibeka engozini yokuphunyukwa ukuphila okuphakade, futhi ngaleyo ndlela uSathane ubangela ukuba bafe.

Nakuba siqaphela ukuthi uSathane uyakwazi ukudala umonakalo, akudingeki simesabe ngokweqile. Lapho uPawulu ethi uSathane unendlela yokubangela ukufa, wathi futhi uKristu wafela ukuba ‘amenze ize uSathane futhi akhulule bonke labo okwathi ngokwesaba ukufa baba ngaphansi kobugqila konke ukuphila kwabo.’ (Hebheru 2:14, 15) Yebo, uJesu wakhokha isihlengo futhi kanjalo wakhulula isintu esikholwayo ebugqilini besono nokufa.—2 Thimothewu 1:10.

Yiqiniso, kuyasangulukisa ukucabanga ukuthi uSathane unendlela yokubangela ukufa, kodwa siyaqiniseka ukuthi uJehova angalungisa noma imuphi umonakalo obangelwe uSathane namanxusa akhe. UJehova uyasiqinisekisa ukuthi uJesu ovusiwe ‘uyoyibhidliza imisebenzi kaDeveli.’ (1 Johane 3:8) Ngamandla kaJehova, uJesu uyovusa abafileyo, kanjalo enze ukufa uqobo kube yize. (Johane 5:28, 29) Ekugcineni, uJesu uyokudalula ngendlela ephawulekayo ukulinganiselwa kwamandla kaSathane ngokumvalela kwalasha. USathane uyogcina ebhujiswe phakade.—IsAmbulo 20:1-10.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela