Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 7/1 k. 3
  • Asinakuphila Ngaphandle Kothando

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Asinakuphila Ngaphandle Kothando
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Thanda UNkulunkulu Okuthandayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Lokho Okushiwo Ukuthanda Umakhelwane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Mawakhiwe Uthando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Wanuleké Kangakanani Othandweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 7/1 k. 3

Asinakuphila Ngaphandle Kothando

KUNGAKHATHALISEKI ukuthi bangakanani ubudala, bakuliphi isiko, bakhuluma luphi ulimi, noma baluhlanga luni, bonke abantu bayakudinga kakhulu ukuthandwa. Uma leso sidingo singaneliswa, abajabuli. Umcwaningi wezokwelapha othile wabhala wathi: “Ukungabi khona kothando nokusondelana yiko okusenza sigule, sidabuke futhi sizwe ubuhlungu, kanti ukuba khona kwalo kuyasiphilisa, kusilethela injabulo futhi kusenza sizizwe singcono. Uma kungaba khona ikhambi elisha elenza okufanayo, cishe bonke odokotela ezweni bebengatusa ukuba iziguli zabo zilisebenzise. Bekungaba ukwephula isimiso sezokwelapha ukungazinikezi.”

Noma kunjalo, umphakathi wanamuhla, ikakhulukazi ezokusakaza nezilomo ezibhekwa njengezibonelo, uvame ukugcizelela kakhulu ingcebo, amandla, udumo nobulili kunokugcizelela isidingo somuntu sokuba nobuhlobo obunothando. Abafundisi abaningi bagcizelela imigomo nemisebenzi yezwe, belinganisa impumelelo ngalezo zinto. Yiqiniso, imfundo nokuba umuntu athuthukise amakhono akhe kubalulekile, kodwa ingabe kufanele kugxilwe kukona kuphela umuntu aze angabi naso isikhathi somkhaya nabangane? Umbhali wasendulo owayefundile eyingqapheli ekhaliphile yokuziphatha kwabantu wafanisa umuntu onamakhono kodwa ongenalo uthando ‘nocezu lwethusi olunomsindo noma insimbi ekhencezayo.’ (1 Korinte 13:1) Abantu abanjalo bangase bacebe, badume nokuduma, kodwa abajabuli ngempela.

UJesu Kristu, owayebaqonda ngokujulile futhi ebathanda kakhulu abantu, wenza uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane lwaba olubaluleke kakhulu ekufundiseni kwakhe. Wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho. . . . Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:37-39) Yilabo abalandela la mazwi kuphela ababeyobe bengabalandeli bakaJesu beqiniso. Ngakho, wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:35.

Nokho, umuntu uluhlakulela kanjani uthando kuleli zwe lanamuhla? Futhi abazali bangazifundisa kanjani izingane zabo uthando? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngale mibuzo.

[Izithombe ekhasini 3]

Kuyinselele ukuhlakulela uthando ezweni elibuswa ukuhaha

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela