Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 6/15 k. 32
  • Umkhuba Nje Noma Ukufumbathisa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umkhuba Nje Noma Ukufumbathisa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 6/15 k. 32

Umkhuba Nje Noma Ukufumbathisa?

KWAMANYE amakolishi asePoland, abafundi banomkhuba wokuqoqa imali ukuze bathengele othisha babo izipho, benethemba lokuthola amamaki angcono ezivivinyweni zabo. Akumangalisi ukuthi umKristu osemusha ogama lakhe linguKatarzyna wayebhekene nesimo esinzima. Wayezibuza: “Ngiyikhiphe imali noma cha?” Ayefunda nabo bathi: “Kungumkhuba ovamile. Akukho lutho oluzokulahlekela, kunalokho ungazuza kakhulu, pho kungani ungabaza?”

“Kumelwe ngivume ukuthi onyakeni wami wokuqala ekolishi, ngahlanganyela ekuqoqweni kwemali,” kuvuma uKatarzyna. “Ngaqaphela kamuva ukuthi ngale ndlela ngangisekela umkhuba wokufumbathisa, okuyinto iBhayibheli eliyilahlayo.” Wakhumbula imibhalo ebonisa ukuthi uJehova akakuvumeli nhlobo ukufumbathisa. (Duteronomi 10:17; 16:19; 2 IziKronike 19:7) UKatarzyna uthi: “Ngaqonda ukuthi kulula kanjani ukunqotshwa ukucindezela kontanga. Ngacabangisisa ngale ndaba futhi kusukela lapho angizange ngiphinde ngihlanganyele kulo mkhuba.” Eminyakeni emithathu edlule, naphezu kokuhlekwa abanye abafundi, wakwazi ukuchazela abathile ukuthi akahlanganyeli ekuqoqweni kwalezi “zipho” ngenxa yezinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini.

Abanye babeka uKatarzyna icala ngokuthi unesimo sengqondo sobugovu nesokungabacabangeli abanye. Uthi: “Namanje abanye abangithandisisi. Ngakolunye uhlangothi, kuyangijabulisa ukuthi abaningi bayawuhlonipha umbono wami.” UKatarzyna waziwa njengomunye woFakazi BakaJehova, ogcina izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwansuku zonke.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela