‘USolomoni Wayengavunule Nanjengowodwa Wayo’
IZIMBALI zasendle ezinjengalezi ozibona lapha zivamile eduze kwemigwaqo e-Afrika eseningizimu. Zibizwa ngokuthi ama-cosmos futhi zimila ezindaweni ezishisayo zaseMelika. Izimbali ezinhle njengalezi zingase zisikhumbuze isifundo esafundiswa uJesu. Abaningi kulabo ababemlalele babempofu, futhi bekhathazekile ngezidingo zabo ezingokwenyama, ukudla nezembatho.
“Ngokuqondene nezembatho,” uJesu wabuza wathi, “kungani nikhathazeka? Fundani eminduzeni yasendle, indlela ekhula ngayo; ayikhandleki, ayiphothi; kodwa ngithi kini ngisho noSolomoni enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule nanjengowodwa wayo.”—Mathewu 6:28, 29.
Kunemibono ehlukahlukene mayelana nokuyilona hlobo lwezimbali zasendle uJesu ayekhuluma ngalo. Nokho, uJesu waqhubeka waziqhathanisa nezimila ezivamile, ethi: “Manje, uma uNkulunkulu ezigqokisa kanjalo izimila zasendle, ezikhona namuhla ngakusasa ziphonswe eziko, ngeke yini nina anigqokise nakakhulu, nina eninokholo oluncane?”—Mathewu 6:30.
Nakuba ama-cosmos engekho kwa-Israyeli, avumelana kahle nesifundo uJesu ayesifundisa. Kungakhathaliseki ukuthi uwabukela kude noma eduze, mahle ngendlela emangalisayo futhi ayintandokazi kubathwebuli bezithombe nezingcweti. Ngempela, uJesu wayengenzi ihaba lapho ethi, “ngisho noSolomoni enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule nanjengowodwa wayo.”
Sifundani thina namuhla? Labo abakhonza uNkulunkulu bangaqiniseka ukuthi uyobasiza bathole izidingo zokuphila ngisho nasezikhathini ezinzima. UJesu wachaza wathi: “Funani njalo umbuso [kaNkulunkulu], khona-ke lezi zinto [njengokudla okudingekayo nezembatho] niyonezelwa zona.” (Luka 12:31) Yebo, izinzuzo zangempela zitholakala ngokufuna uMbuso kaNkulunkulu. Kodwa ingabe uyazi ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu nokuthi uzosenzelani isintu? OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza ukuba uthole izimpendulo eBhayibhelini.