Ubaluleke Kangakanani Umusa Wothando?
“INTO efiselekayo kumuntu wasemhlabeni ngumusa wakhe wothando,” kusho iBhayibheli. (IzAga 19:22) Yiqiniso, izenzo zomusa ezishukunyiswa uthando zifiseleka ngempela. Nokho, igama elithi “umusa wothando” eBhayibhelini, libhekisela emseni okungenzeka ukuthi usekelwe ebuhlotsheni osebukhona kakade, njengalowo osekelwe esenzweni somusa sangaphambili esenziwa omunye. Ngakho-ke, lihlanganisa nomqondo wokwethembeka.
Inkosi yakwaJuda uJowashi yahluleka ukuhlakulela le mfanelo efiseleka kangaka. Yayinesikweleti esikhulu sokubonga uyisekazi kanye noJehoyada, uninalume. Lapho uJowashi engaphansi konyaka ubudala, ugogo wakhe omubi wazibeka indlovukazi futhi wabulala bonke abafowabo bakaJowashi, ababeyizindlalifa zombuso. Kodwa wahluleka ukubulala uJowashi osemncane, ngoba uyisekazi noninalume bamthukusa ngokucophelela. Bamfundisa noMthetho kaNkulunkulu. Lapho uJowashi eseneminyaka engu-7, uninalume wasebenzisa igunya lakhe njengompristi ophakeme ukuze kubulawe indlovukazi embi wabe esebeka uJowashi esihlalweni sobukhosi.—2 IziKronike 22:10–23:15.
UJowashi osemncane wabusa kahle njengenkosi kwaze kwaba sekufeni kukaninalume, wabe esephendukela ekukhulekeleni izithombe. UNkulunkulu wathumela uZakariya, owayeyindodana kaJehoyada, ukuba axwayise uJehowashi ngokuhlubuka kwakhe. UJehowashi wayala ukuba uZakariya akhandwe ngamatshe. Yeka isenzo esishaqisayo sokungathembeki emkhayeni owawumenzele okuningi kangaka!—2 IziKronike 24:17-21.
IBhayibheli lithi: “UJehowashi inkosi akazange awukhumbule umusa wothando uJehoyada uyise [kaZakariya] ayewubonise kuye, kangangokuthi wabulala indodana yakhe.” Lapho efa, uZakariya wathi: “UJehova makakubone aphindisele.” Ngokuvumelana namazwi kaZakariya, uJowashi wagula kakhulu futhi wabulawa izinceku zakhe uqobo.—2 IziKronike 24:17-25.
Kunokuba babe nesiphetho esifana neseNkosi uJowashi, bonke abalandela lesi seluleko bayoba nekusasa elibusisekile: “Kwangathi umusa wothando neqiniso kungekushiye. . . . Kanjalo uthole umusa . . . emehlweni kaNkulunkulu nawomuntu wasemhlabeni.”—IzAga 3:3, 4.