Umenywa Ngokufudumele
ISIDLO SENKOSI, esamiswa iNkosi uJesu Kristu eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, singaphezu nje kokuba isenzakalo somlando. Siye sabathinta kakhulu abantu kusukela samiswa. Bethintwe yilokho abakufunda ekulandiseni kwamaVangeli mayelana nokwenzeka ngalobo busuku, abaningi baye bazama ukugubha iSidlo SeNkosi ngezindlela ezihlukahlukene.
Konke lokhu kuyaqondakala, ngoba uJesu Kristu ngokwakhe wayala ukuba abalandeli bakhe basigcine lesi senzakalo, futhi bakwenze njalo. Wabatshela ngokuqondile: “Qhubekani nikwenza lokhu, njalo uma niyiphuza, njengesikhumbuzo sami.”—Luka 22:19; 1 Korinte 11:23-25.
Yebo, ukuze lo mkhosi usize ngempela, umuntu kumelwe awuqonde ngokunembile njengoba uchazwa eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, kubalulekile ukwazi lokho iBhayibheli elikushoyo ngesikhathi nendlela yokugubha lesi senzakalo.
Belalela umyalo kaJesu, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bayobe bebuthene ngobusuku bangoLwesithathu, ngo-April 16, 2003, ukuba bagubhe ukufa kukaJesu. Kuyobe kuyisikhathi sokuba bahlole imiBhalo, bavuselele ukholo nothando lwabo ngeNkosi uJesu Kristu, eyathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” ( Johane 3:16) Umenywa ngokufudumele ukuba ube kanye nabo ngalobo busuku ukuze nawe uqinise ukholo nothando lwakho ngoJesu Kristu noYise wasezulwini, uJehova uNkulunkulu.