Ukuqiniseka Nokwaneliseka Ngomsebenzi Kuyasongelwa
“ILUNGELO lokusebenza” yilungelo eliyisisekelo labo bonke abantu, kusho i-Universal Declaration of Human Rights, eyakhishwa yiZizwe Ezihlangene. Nokho, lelo lungelo alitholakali ngaso sonke isikhathi. Ukuqiniseka ngomsebenzi kuncike ezintweni eziningi—kusukela esimweni somnotho wezwe kuya kwesemakethe yomhlaba. Noma kunjalo, lapho imisebenzi ilahleka noma isongelwa ngokuvamile kulandela ukubhikisha nokuteleka. Ambalwa amazwe angenayo le nkinga. Omunye umbhali uthi ngisho negama elithi “umsebenzi belilokhu liyigama elingavusa ingxabano, njengoba kusenjalo namanje.”
Ziningi izizathu ezenza umsebenzi ubaluleke kithi. Ngaphandle kokuthi usinikeza imali, usenza siphile kahle engqondweni nangokomzwelo. Umsebenzi wanelisa isifiso somuntu sokuba wusizo emphakathini nokuba nenjongo ekuphileni. Usinika nomuzwa wokuzihlonipha. Ngakho, ngisho nabanye abanemali eningi yokunakekela izidingo zabo noma asebefanelwe umhlala-phansi bakhetha ukuqhubeka besebenza. Yebo, umsebenzi ubaluleke kangangokuthi ngokuvamile ukuntuleka kwawo kubangela izinkinga ezinkulu emphakathini.
Ngakolunye uhlangothi, kunalabo abasebenzayo kodwa ababhekene nezingcindezi eziningi emsebenzini kangangokuthi abajabuli. Ngokwesibonelo, ngenxa yokuncintisana okukhulu ezimakethe zanamuhla, ziyanda izinkampani ezidiliza izisebenzi zazo ukuze zinciphise izindleko. Lokhu kungase kuzikhandle ngokwengeziwe izisebenzi ezisele, okungase kudingeke zenze umsebenzi omningi.
Ubuchwepheshe banamuhla, okuthiwa benza ukuphila nomsebenzi kube lula, empeleni bandisé izingcindezi emsebenzini. Ngokwesibonelo, ama-computer, ama-fax, ne-Internet kwenza abantu bakwazi ukugoduka nomsebenzi ekupheleni kosuku, okwenza ungabe usaba khona umehluko phakathi kwekhaya nehhovisi. Esinye isisebenzi saba nomuzwa wokuthi i-pager yenkampani nomakhal’ ekhukhwini kwakufana namatomu abanjwe ubasi.
Into abantu abaningi asebekhulile esibesabisa kakhulu kunakuqala kwezomnotho zethu nakwezemisebenzi ezishintsha ngokushesha ukubhekwa njengasebegugile singakafiki isikhathi. Ngokuqondene nalokhu, owayenguMphathiswa Wamalungelo Abantu uChris Sidoti wathi: “Kubonakala kunenkolelo engaguquki yokuthi uma uneminyaka engaphezu kwengu-40 ngeke ukwazi ukusebenzisa ama-computer nobuchwepheshe obusha.” Nokho, izisebenzi eziningi ezikhuthele, ngaphambili ezazingabhekwa njengeseziyizinsika, namuhla kuthiwa sezigugile azisenalusizo. Yeka ukulahlekelwa!
Kuyaqondakala ukuthi kungani izimiso ezinhle zokusebenza nokuthembeka enkampanini ziye zashabalala kule minyaka yamuva. “Uma izinkampani ezinkulu zidiliza abantu ngenxa yoshintsho oluncane nje emakethe ehweba ngamasheya ukuthembeka enkampanini kuba yisidala,” kusho umagazini wesiFulentshi i-Libération. “Yiqiniso, kumelwe usebenze, kodwa zisebenzele wena, hhayi inkampani.”
Naphezu kwalezi zinkinga ezandayo, sisalokhu sikhona isidingo esiyisisekelo sokuba umuntu asebenze. Ngakho kulezi zikhathi zethu ezishintsha ngokushesha, umuntu angawuhlakulela kanjani umbono onokulinganisela ngomsebenzi wokuziphilisa, ngesikhathi esifanayo azizwe eqiniseka ngomsebenzi futhi anelisekile?
[Isithombe ekhasini 3]
Kungenzeka ukuthi ubuchwepheshe banamuhla bukwandisile ukucindezeleka emsebenzini