Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 1/1 k. 32
  • “Uqinisile, Ukuphila Kumnandi!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Uqinisile, Ukuphila Kumnandi!”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 1/1 k. 32

“Uqinisile, Ukuphila Kumnandi!”

UNGATHANDA yini ukwazi injongo yangempela yokuphila? UMagdalena oneminyaka engu-18 ubudala, omunye woFakazi BakaJehova ohlala eSzczecin, ePoland, wasiza afunda naye ekilasini esikoleni esiphakeme, uKatarzyna, ukuba enze lokho kanye. UKatarzyna wayelimisa ngesihloko elokuthi akakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, kodwa lapho uMagdalena ekhuluma naye ngeBhayibheli, wabonisa isithakazelo esiqotho.

Nakuba uKatarzyna akuthanda lokho uMagdalena amtshela khona ngeBhayibheli, akakwamukelanga ngokuphelele. Ngesinye isikhathi exoxa noMagdalena ngabangane beqiniso, uKatarzyna wathi: “Wena uneBhayibheli; uyazazi izimiso okufanele uzilandele nokuthi ungabafunaphi abangane. Kuthiwani kodwa ngalabo okwamanje abangazamukeli lezo zimiso?”

Ushintsho lwenzeka lapho uKatarzyna evakashela eLondon, eNgilandi. Lapho, wavakashela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova, futhi wathintwa umusa awuboniswa. Izenzo ezincane ezinjalo zomusa, njengokuvulelwa umnyango nokulalelwa ngesithakazelo lapho ekhuluma zamhlaba umxhwele.

Lapho kuvulwa izikole ngo-September 2001, uKatarzyna wanquma ukwamukela isifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo. Useqalile ukwakha uthando ngezimiso zeBhayibheli nokuzisebenzisa ekuphileni kwakhe kwansuku zonke. Usanda kuvuma kuMagdalena, ethi: “Ngizizwa sengathi yimá ngiqala ukuphila.” Wamthumela nomlayezo kumakhal’ ekhukhwini othi: “Ngiyabonga kakhulu ngesifundo sethu sanamhlanje! Uqinisile, ukuphila kumnandi! Kuhle ukwazi ukuthi ubani esingambonga ngakho.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela