Ukukhuthazela Kwakhe Kwavuzwa
Abantu abaningi abanhliziyo ziqotho bafuna abathandekayo babo bafunde ngezinjongo zikaNkulunkulu ngaleyo ndlela babe nokuphila okujabulisayo. Lapho umuntu ezinikezela kuNkulunkulu, kungenzeka ukuthi ukuziphatha kahle kwabanye, abancane noma abadala, kwaba nomthelela kuleso sinqumo esihlakaniphile. Kwaba njalo ngoJearim, intombazane yaseMexico eyeve eshumini nambili, eyanikeza abazalwane ukwaziswa okulandelayo ngosuku lomhlangano okhethekile woFakazi BakaJehova:
“Ngifuna nijabule kanye nami. Ake nginitshele ukuthi kungani. Eminyakeni engu-18 edlule, ngingakazalwa, abazali bami bafunda iqiniso. Umama wathuthuka, kamuva kwalandela umfowethu omncane, nami futhi. Sasithandaza ndawonye kuJehova sicela ukuba ubaba naye angene endleleni eya ekuphileni. Sekudlule iminyaka engu-18, futhi namuhla usuku olukhetheke kakhulu kithi. Ubaba uzobhapathizwa. Ngiyambonga uJehova ngokuthi akazange asilethe isiphelo singakafiki lesi sikhathi osekukudala sasilindela. Ngiyakubonga Jehova!”
Ngokuqinisekile, kuyo yonke le minyaka edlule, umkhaya wakubo le ntombazane wawulokhu ukhumbula izimiso ezihlanganiswe eselulekweni esiphefumulelwe seyoku-1 Petru 3:1, 2, ethi: “Nani bafazi, zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.” Futhi ngokuqinisekile uJearim osemusha wasebenzisa amazwi kaDuteronomi 5:16 athi: “Hlonipha uyihlo nonyoko, njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile.” Ukusebenzisa izimiso ezinjengalezi nokulindela uJehova ngesineke ngokuqinisekile kwaletha izibusiso kuJearim nomkhaya wakubo.