Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 12/15 k. 32
  • “Izazi Ezintathu” Zazingobani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Izazi Ezintathu” Zazingobani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 12/15 k. 32

“Izazi Ezintathu” Zazingobani?

Imibukiso yokuZalwa KukaJesu ivame ukuveza amadoda amathathu agqoke imijiva yezingubo egibele amakamela, efika esitebeleni lapho umntwana uJesu elele khona emkhombeni. Lezi zivakashi ezigqoke ziconsa ngokuvamile zibizwa ngokuthi izazi ezintathu. Lithini iBhayibheli ngazo?

NgokweBhayibheli, la madoda okuthiwa ayeyizazi ‘ayevela ezingxenyeni ezisempumalanga,’ futhi yilapho ezezwa khona ngokuzalwa kukaJesu. (Mathewu 2:1, 2, 9) Kufanele ukuba kwawathatha isikhathi eside la madoda ukuya eJudiya. Lapho ekugcineni emthola uJesu, wayengaselona usana olulele emkhombeni. Kunalokho, amadoda afica uMariya ‘nomntwana omncane’ behlezi endlini.—Mathewu 2:11.

IBhayibheli libiza la madoda ngokuthi abenzi bemilingo, noma “ababhula ngezinkanyezi,” futhi alisho ukuthi ayemangaki. I-Oxford Companion to the Bible ichaza ithi: “Ukuhlobana kokwenza imilingo nokufundwa kwezinkanyezi kubonakala ekukhangweni kwalezi zivakashi yinkanyezi eyayiziholele eBetlehema.” IBhayibheli lizilahla ingcaca zonke izinhlobo zokwenza imilingo nomkhuba waseBabiloni wokuzama ukuthola ulwazi ezinkanyezini.—Duteronomi 18:10-12; Isaya 47:13.

Ulwazi olwadluliselwa yila madoda aluzange lube nemiphumela emihle. Lwavusa intukuthelo enomhawu enkosini embi uHerode. Lokhu kwabangela ukuba uJosefa, uMariya noJesu babalekele eGibithe nokuba kubulawe bonke abantwana babafana eBetlehema “kusukela kwabaneminyaka emibili ubudala nangaphansi.” UHerode wayesithole kahle isikhathi uJesu azalwa ngaso kulokho ayekuzwe ngezazi. (Mathewu 2:16) Uma sicabangela zonke izinkinga ezabangelwa ukuvakasha kwazo, kunengqondo ukuphetha ngokuthi inkanyezi ezayibona nomyalezo mayelana ‘nalowo ozelwe eyinkosi yamaJuda’ kwakuvela esitheni sikaNkulunkulu, uSathane uDeveli, owayefuna ukubulala uJesu.—Mathewu 2:1, 2.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela