Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 12/1 k. 32
  • Isikhathi Esingcono Kakhulu Sokuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikhathi Esingcono Kakhulu Sokuphila
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 12/1 k. 32

Isikhathi Esingcono Kakhulu Sokuphila

LAPHO ubhekene nezimo ezinzima, ingabe uyaye ulangazelele izinsuku ezimnandi esezadlula? Uma kunjalo, cabanga ngamazwi enkosi ehlakaniphile uSolomoni: “Ungasho ukuthi: ‘Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala zazizinhle kunalezi na?’ Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.”—UmShumayeli 7:10.

Kungani uSolomoni eluleka ngale ndlela? Ngoba wayazi ukuthi ukuba nombono ongokoqobo ngesikhathi esidlule kuwusizo olukhulu ekubhekaneni ngokuphumelelayo nezimo ezingajabulisi zamanje. Labo abalangazelela izinsuku ezimnandi esezadlula kungenzeka sebekhohliwe ukuthi nazo lezo zinsuku zazigcwele izinkinga nezinkathazo nokuthi ukuphila akukaze ngempela kungabi nazo izinkinga. Kungenzeka ezinye izinto zazingcono esikhathini esidlule, kodwa kungenzeka nakakhulu ukuthi kwakungenjalo ngezinye. Njengoba uSolomoni aphawula, akukona ukuhlakanipha ukusikhalela kakhulu isikhathi esidlule, njengoba kusobala ukuthi asinakubuyela kuso.

Ingaba khona yini ingozi ekulangazeleleni isikhathi esidlule? Ingaba khona uma kusenza singakwazi ukwamukela isikhathi esiphila kuso nokuzivumelanisa naso noma uma kusenza singakwazi ukwazisa lezi zikhathi esiphila kuzo namathemba esingaba nawo.

Eqinisweni, manje yisikhathi esingcono kakhulu sokuphila, naphezu kwezinkinga zomhlaba ezandayo. Ngani? Ngoba sisondela ekugcwalisekeni kwenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba wethu nasezibusisweni zokubusa kokuthula koMbuso wakhe. IBhayibheli liyathembisa: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:4) Ngaleso sikhathi, izimo sezingcono kakhulu, akekho oyoba nesizathu sokulangazelela izinsuku ezimnandi esezadlula.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela