Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 11/1 k. 32
  • Sonke Siyakudinga Ukunconywa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sonke Siyakudinga Ukunconywa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 11/1 k. 32

Sonke Siyakudinga Ukunconywa

KWAKUWUSUKU olujabulisayo entombazaneni encane. Nakuba ngezinye izikhathi yayikudinga ukukhuzwa, kodwa ngalelo langa yayiziphathe kahle ngokukhethekile. Nokho, ngalobo busuku, ngemva kokuyilalisa, unina wayizwa ikhala. Lapho eyibuza ukuthi ikhalelani, ihlengezela izinyembezi yabibitheka: “Angithi angiganganga nje mina namhlanje?”

Lahlaba lephukela lelo kunina. Phela, wayengapholisi maseko ukukhuza indodakazi yakhe. Kodwa manje, nakuba ayebonile ukuthi yayizame kanzima kanjani intombazanyana yakhe ukuziphatha kahle, unina akashongo nelilodwa igama lokwazisa.

Akuwona amantombazane amancane kuphela adinga ukunconywa nokuqinisekiswa. Sonke siyakudinga—njengoba nje sisidinga iseluleko nokukhuzwa.

Sizizwa kanjani lapho sinconywa ngobuqotho? Akuyijabulisi yini inhliziyo futhi kwenze usuku lwethu luqhakaze? Cishe siba nomuzwa wokuthi ukhona oqaphelile, ukhona okhathalelayo. Kusenza siqiniseke ukuthi lokho esikwenzile bekuwufanele umzamo, futhi kusikhuthaza ukuba siphinde sisebenze kanzima esikhathini esizayo. Akumangalisi ukuthi ukunconywa okuqotho ngokuvamile kusisondeza eduze nalowo ozinika isikhathi sokusho okuthile okukhuthazayo.—IzAga 15:23.

UJesu Kristu wayesiqaphela isidingo sokuncoma. Emfanekisweni wamathalente, inkosi (eyayifanekisela uJesu ngokwakhe) isincoma ngokufudumele ngasinye sezigqila ezimbili ezikholekile, ithi: “Wenze kahle, sigqila esihle nesikholekile.” Akuve kujabulisa! Yize amakhono azo nezazikufezile kwakuhlukene kakhulu, zathola ukunconywa okufanayo.—Mathewu 25:19-23.

Ngakho masikhumbule umama waleya ntombazane encane. Akudingeki abantu baze bakhale ngaphambi kokuba sibancome. Kunalokho, masizimisele ukubheka amathuba okuncoma. Ngempela, sinesizathu esihle sokuncoma ngobuqotho ngawo wonke amathuba.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela