‘Hlakanipha Ngokuqondene Nekusasa Lakho’
“Iningi labantu lisebenzisa iminyaka yalo yokuqala lenza eyokugcina ibe lusizi.” Washo kanjalo uJean de La Bruyère, umlobi ongumFulentshi wekhulu le-17. Ngempela, umuntu omusha omanqikanqika angalokhu eguquguquka, enganeliseki futhi ezisola. Ngakolunye uhlangothi, omusha onenkani angaphikelela endleleni ewubuwula, azenze angajabuli kamuva ekuphileni. Noma ngabe ikuphi, izono zokungakwenzi okulungile noma zokwenza okungalungile zingabangela usizi olukhulu.
Kungagwenywa kanjani lokho kungenzeki? Lapho lixwayisa abasha ngokuba manqikanqika, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: ‘Angithokozi ngayo.’” (UmShumayeli 12:1) Uma usemusha, kusukumele ukufunda ‘ngoMdali wakho’ usemusha nje.
IBhayibheli libasiza kanjani-ke abantu abasha ukuba bagweme ubuwula bobusha? Lithi: “Lalela iseluleko wamukele isiyalo, ukuze uhlakaniphe ngokuqondene nekusasa lakho.” (IzAga 19:20, NW) IBhayibheli futhi libonisa ngokucacile ukuthi ukungakusebenzisi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ngenxa yokudebesela noma ukuvukela lapho umuntu esemusha, nanganoma isiphi isikhathi, kuba nemiphumela ebuhlungu. (IzAga 13:18) Kanjalo futhi, umphumela wokulalela iziqondiso zikaNkulunkulu uba ‘ukwenezelelwa ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula,’ ukuphila okwanelisayo.—IzAga 3:2.