Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 10/1 k. 32
  • Ingabe Kufanele Ube Onethezekile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ube Onethezekile?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 10/1 k. 32

Ingabe Kufanele Ube Onethezekile?

CISHE abantu abaningi banomuzwa wokuthi kuyinto enhle ukubhekwa njengomuntu okhululekile, ozolile. Nokho, ngokuvamile le mfanelo ingase iphenduke “isikhubekiso.” IBhayibheli lithi: “Nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.” (IzAga 1:32) Kusho ukuthini lokho?

Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zichaza igama lesiHeberu eliwumsuka ngamazwi anjengokuthi “ukuzithela ngabandayo” (American Standard Version), “ukuyekelela” (The New American Bible), nokuthi “ukudebesela.” (The New English Bible) Kulo mqondo ukunethezeka kuhlotshaniswa nobuvila nokunganaki futhi kanjalo nobuwula.

Ekhulwini lokuqala, amaKristu ebandleni laseLawodikeya ayekuthalalisa noma engakushayi mkhuba ukushiyeka kwawo ngokomoya. Ngokuzethemba ayezishaya isifuba ethi “asidingi lutho nhlobo.” UJesu Kristu waweluleka, ethi mawavuselele intshiseko yawo yobuKristu.—IsAmbulo 3:14-19.

Ukungagqizi qakala kwakuyisici esivelele sabantu bosuku lukaNowa. Babexakaniswe yizinto ezivamile zokuphila, “bedla futhi bephuza, amadoda eshada futhi abesifazane bendiswa . . . , futhi abanakanga kwaze kwafika isikhukhula, sabakhukhula bonke.” UJesu wabe esenezela: “Kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.”—Mathewu 24:37-39.

Iziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekile zibonisa ukuthi siphila phakathi “nokuba khona kweNdodana yomuntu,” uJesu Kristu. Kwangathi singelokothe sidebesele, sizithele ngabandayo, siyekelele—sibe abanethezekile ngomqondo ongafanele.—Luka 21:29-36.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela