Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 6/15 k. 31
  • Isikhathi Sokudalula Imfihlo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikhathi Sokudalula Imfihlo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 6/15 k. 31

Isikhathi Sokudalula Imfihlo

Ukugcina izindaba ezithile ziyimfihlo kungakha ukuthula esikhundleni sengxabano. Kodwa sikhona yini isikhathi sokuyidalula imfihlo? Phawula lokho umprofethi u-Amose akushoyo ngoNkulunkulu wakhe: “INkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.” (Amose 3:7) Kula mazwi singafunda okuthile ngezinto eziyisifuba. UJehova angase agcine izinto ezithile ziyimfihlo okwesikhathi esithile, bese ekugcineni ezambulela abathile. Singamlingisa kanjani uJehova kulokhu?

Ngezinye izikhathi, abelusi abamisiwe ebandleni lobuKristu bakuthola kunenzuzo ukugcina indaba ethile, bangayidaluli. (IzEnzo 20:28) Ngokwesibonelo, ukuze kuzuze ibandla, bangase banqume ukuyigcina iyimfihlo imininingwane yamalungiselelo noma yezinguquko ezithile emithwalweni yemfanelo yebandla kuze kube isikhathi esithile esinqunyiwe.

Kodwa-ke esimweni esinjalo, kubalulekile ukuba bachazelwe ngokucacile labo abahilelekile ukuthi leyo ndaba iyokwembulwa yini, yembulwe nini futhi kanjani. Ukwazi ukuthi indaba iyovezwa nini obala kungabasiza bakwazi ukuyigcina iyisifuba.—IzAga 25:9.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela