Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 4/15 k. 32
  • Lapho Kuwukuhlakanipha Ukubaleka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kuwukuhlakanipha Ukubaleka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 4/15 k. 32

Lapho Kuwukuhlakanipha Ukubaleka

IZWE lanamuhla liphawuleka ngomoya wesibindi esikhulu nowokulwa noma isilingo. Ngokuvamile, umuntu obalekela isimo esithile ubhekwa njengongenamandla noma oyivaka. Angahlekwa nokuhlekwa.

Nokho, iBhayibheli likwenza kucace ukuthi, ukuthi galo yephuka ngezinye izikhathi kungaba wukuhlakanipha nobuqhawe. Okufakazela lokhu ukuthi ngaphambi kokuba athume abafundi bakhe enkonzweni, uJesu Kristu wabatshela: “Uma benishushisa komunye umuzi, nibalekele komunye.” (Mathewu 10:23) Yebo, abafundi bakaJesu kwakumelwe bazame ukubabalekela abashushisi babo. Kwakungamelwe benze izinto njengokungathi basempini yenkolo, bazame ukuguqula abanye ngendlov’ iyangena. Babephethe umyalezo wokuthula. (Mathewu 10:10:11-14; IzEnzo 10:34-37) Ngakho-ke, kunokuba avumele imimoya iphakame, amaKristu kwakumelwe abaleke, aqhele embangeleni yothuthuva. Ngokwenza kanjalo, ayeyohlala enonembeza omuhle kanye nobuhlobo obuhle noJehova.—2 Korinte 4:1, 2.

Isibonelo esiphambene sisencwadini yeBhayibheli yezAga. Isitshela ngensizwa eyathi lapho ibhekene nokulingwa, kunokuba ibaleke, yalandela owesifazane ondindayo “njengenkabi iya ekuhlatshweni.” Waba yini umphumela? Usizi olwabangelwa ukunqotshwa isilingo esasihilela ukuphila kwayo uqobo.—IzAga 7:5-8, 21-23.

Kuthiwani uma ungase ubhekane nesilingo sokuba uziphathe kabi ngokobulili noma ubhekane nesinye isimo esiyingozi? NgokweZwi likaNkulunkulu, isenzo esifanelekile kungaba ukucela empunzini, uzidedisele kude naleso simo ngokuphazima kweso.—IzAga 4:14,15; 1 Korinte 6:18; 2 Thimothewu 2:22.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela