Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 3/15 k. 32
  • Isenzakalo Esibaluleke Kunazo Zonke Emlandweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isenzakalo Esibaluleke Kunazo Zonke Emlandweni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 3/15 k. 32

Isenzakalo Esibaluleke Kunazo Zonke Emlandweni

LESO SENZAKALO sasingukufa kukaJesu Kristu. Kungani sasibaluleke kangaka? Ngenxa yezizathu eziningi.

Ukwethembeka kukaJesu kuze kube sekufeni kwabonisa ukuthi umuntu angakwazi ukulondoloza ubuqotho kuNkulunkulu.

Ukufa kukaKristu kwanikeza abanye ithuba lokuba babe ababusi kanye naye ezulwini. Kwabuye kwavulela abengeziwe indlela yokuba bajabulele ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.

Ngobusuku obandulela ukuba afe, uJesu wasebenzisa isinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu njengezifanekiselo zomhlatshelo wakhe wothando wobuntu. Futhi watshela abafundi bakhe: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) Ingabe uyosikhumbula lesi senzakalo esibalulekile?

OFakazi BakaJehova bakumema ngokufudumele ukuba uhlanganyele nabo ekugubheni iSikhumbuzo sokufa kukaJesu. Kulo nyaka siyogujwa ngoLwesine, ngo-March 28, ngemva kokushona kwelanga. Ungaya eHholo LoMbuso eliseduze nalapho uhlala khona. Siza uthintane noFakazi BakaJehova bangakini ukuze uthole isikhathi esinembile nendawo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela