Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 12/15 k. 32
  • ‘Umuthi Wokuhlikihla Amehlo’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Umuthi Wokuhlikihla Amehlo’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 12/15 k. 32

‘Umuthi Wokuhlikihla Amehlo’

LELO yikhambi uJesu Kristu alinikeza ibandla lamaKristu ekhulu lokuqala laseLawodikeya, e-Asia Minor.

UJesu wathi: ‘Thenga umuthi wamehlo ukuba uwuhlikihle emehlweni akho ukuze ubone.’ Kwakungesona isifo samehlo angokoqobo esasidinga ukwelashwa kodwa kwakungubumpumputhe obungokomoya. AmaKristu aseLawodikeya ayesethonywe umoya wedolobha ayehlala kulo elalichuma ngokwezinto ezibonakalayo futhi ayeseqale ukungazishayi mkhuba izidingo zawo zangempela ezingokomoya.

Ekhuluma ngalokhu njengembangela yokufiphala kwamehlo awo, uJesu wathi: “Uthi: ‘Ngicebile futhi ngiye ngazuza ingcebo futhi angidingi lutho nhlobo,’ kodwa awazi ukuthi ungowosizi nowokudatshukelwa nokuthi umpofu, uyimpumputhe futhi uhamba-ze.” Nakuba ayengakuqapheli lokho, amalungu ebandla ayedinga ‘umuthi wokuhlikihla amehlo’ owawuzowelapha, owawungatholakala kuphela ngokuzithoba ekufundiseni nasesiyalweni sikaJesu Kristu. UJesu wathi, ‘thenga kimi.’—IsAmbulo 3:17, 18.

Njengoba kwakunjalo ngabaseLawodikeya, amaKristu eqiniso nanamuhla adinga ukuqapha ukuze angathonywa ngokungafanele, mhlawumbe enganakile, yizwe aphila kulo elithanda izinto ezibonakalayo nelithambekele ekuzijabuliseni. Ikhambi lokuzigcina unombono ongokomoya ophilile liboniswe kulesi siyalo: ‘Thenga [kuJesu] umuthi wokuhlikihla amehlo ukuze ubone.’

Okuphawulekayo yiqiniso lokuthi lo ‘muthi wokuhlikihla amehlo’ kufanele uthengwe. Kuhilela izindleko. Kumelwe kusetshenziswe isikhathi sokutadisha nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu. Umhubi usiqinisekisa ngokuthi leli Zwi ‘lihlanzekile, likhanyisa amehlo [angokomoya].’—IHubo 19:8, NW.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela