Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 11/1 k. 32
  • Abacekeli Phansi Bemithi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abacekeli Phansi Bemithi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 11/1 k. 32

Abacekeli Phansi Bemithi

EZIKHATHINI zeBhayibheli, imithi yayibhekwa njengeyigugu. Ngokwesibonelo, lapho u-Abrahama ethenga indawo yokungcwaba umkakhe othandekayo, uSara, imithi yabalwa esivumelwaneni abasenza sokushintsha ubunikazi bendawo.—Genesise 23:15-18.

Ngokufanayo nanamuhla, imithi ibhekwa njengeyigugu kakhulu, futhi umhlaba wonke ukunake kakhulu ukulondolozwa kwamahlathi. Incwadi ethi State of the World 1998, ithi: “Nakuba abantu abaningi emazweni asenyakatho bekhathazeka ngamahlathi asezindaweni ezishisayo, kungenzeka abaqaphele ukuthi amahlathi avuma indawo esivivi asemazweni akubo yiwo agqagqene futhi aphazamiseke kakhulu kuzo zonke izinhlobo zamahlathi.” Yini esongela impilo yamahlathi kulawo mazwe asenyakatho aseYurophu naseNyakatho Melika? Abantu abaningi bathi isongelwa ukugawulwa kwawo, kodwa kunezinye izinto eziwacekela phansi isinyenyela amahlathi, zidle iqabunga neqabunga, icembe necembe, uma singase sikubeke kanjalo. Ziyini? Ukungcoliswa komoya kanye nemvula ene-asidi. Lezi zinto ezingcolisayo zingayithena amandla kancane kancane imithi, ziyenze ichayeke ezinambuzaneni nasezifweni.

Sekungamashumi eminyaka abashisekeli bokulondolozwa kwemvelo nezinye izakhamuzi ezikhathazekile bexwayisa ngesidingo sokuvikela imvelo yomhlaba isesilinganisweni sayo. Ngawo-1980, ngemva kokuba ososayensi eJalimane behlole imiphumela yokungcoliswa komoya neyemvula ene-asidi emvelweni, baphetha: ‘Uma kungenziwa lutho, cishe ngonyaka ka-2000 abantu bayogcina ngokubabaza ubuhle bamahlathi ezithombeni ezindala nakumabhayisikobho.’ Ngokujabulisayo, amandla omhlaba okuzivuselela makhulu kangangokuthi amahlathi akwazile ukumelana nokuningi kwalo monakalo owabikezelwa.

Nokho, ekugcineni nguNkulunkulu oyokwenza okukhulu kakhulu ukuze alondoloze imvelo yethu isesilinganisweni sayo. “Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe” futhi “uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu.” Uthembise “nokuchitha labo abachitha umhlaba.” (IHubo 104:13, 14; IsAmbulo 11:18) Yeka ukuthi kuyoba kuhle kanjani lapho izakhamuzi zomhlaba ziyobe sezikwazi ukujabulela umhlaba ohlanzekile phakade!—IHubo 37:9-11.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela