Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 10/15 k. 32
  • “Ngize Ngithole Ukuthi Nginani!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ngize Ngithole Ukuthi Nginani!”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 10/15 k. 32

“Ngize Ngithole Ukuthi Nginani!”

YAZIZWA kanjalo indoda ethile yaseJapane lapho ifunda indaba yokuphila ekuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 2000. Isihloko sayo sasithi “Anazi Ukuthi Ukuphila Kwenu Kuyoba Yini Kusasa,” ixoxa ngothile owayeyisithunywa sevangeli osenesifo esibizwa ngokuthi yi-manic-depressive psychosis kwezokwelapha.

Le ndoda yaseTokyo yathi encwadini eyayibhalele abanyathelisi balo magazini: “Izimpawu ezachazwa zaziyikho kanye lokho engiba nakho. Ngakho ngaya esibhedlela sezifo zengqondo ngathola ukuthi nginokucindezeleka kwemizwa eshintshashintshayo. Udokotela owangihlola wamangala. Wathi, ‘Abantu abanalesi sifo ngokuvamile abacabangi ukuthi bayagula.’ Ngasizakala ngasibona singakabi mandla kakhulu lesi sifo.”

Izigidi zabantu emhlabeni wonke zizuza ngezindlela ezihlukahlukene ekufundeni umagazini ngamunye we-Nqabayokulinda nomngane wawo, i-Phaphama! Bazithola zifundisa futhi zanelisa izihloko zalab’ omagazini. Umagazini INqabayokulinda manje unyatheliswa ngezilimi ezingu-141, i-Phaphama! ngezingu-86. Nawe uzokujabulela ukuyifunda njalo INqabayokulinda ne-Phaphama! Uma ungathanda ukuthola ikhophi yalab’ omagazini noma isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhale, ufake igama lakho nekheli lendawo ohlala kuyo, ukuthumelele OFakazi BakaJehova, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 2.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela