Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 9/15 k. 32
  • Bayalisebenzisa Igama Laphezulu ENkabeni Ye-Afrika

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bayalisebenzisa Igama Laphezulu ENkabeni Ye-Afrika
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 9/15 k. 32

Bayalisebenzisa Igama Laphezulu ENkabeni Ye-Afrika

ININGI labantu eNkabeni Ye-Afrika liyakholelwa kuNkulunkulu. Alikungabazi ukuthi unguMdali wazo zonke izinto. (IsAmbulo 4:11) Nokho, njengabanye abantu abaningi kwezinye izindawo, bavame ukulishaya indiva igama lakhe—elithi Jehova.

Abantu eNkabeni Ye-Afrika nakwezinye izingxenye zomhlaba basuke bebhekisela egameni likaNkulunkulu lapho bethi, “Malingcweliswe igama lakho” eMthandazweni WeNkosi. (Mathewu 6:9) Kodwa kwaba yisikhathi eside bembalwa abalaziyo lelo gama. Nokho, njengoba iminyaka iqhubeka, umsebenzi wokushumayela ngentshiseko woFakazi BakaJehova uye wasishintsha isimo sengqondo sabantu mayelana nokusebenzisa igama laphezulu. Namuhla, igama laphezulu laziwa kabanzi futhi liyamukelwa ezilimini eziningi zase-Afrika, ezinjengesiZulu (uJehova), isiYoruba (Jehofah), isiXhosa (uYehova) nesiSwahili (Yehova). Noma kunjalo, izinguqulo eziningi zeBhayibheli zalezi zilimi zisakugwema ukusebenzisa leli gama laphezulu.

Inguqulo ehunyushwe kahle elisebenzisayo leli gama laphezulu yiBhayibheli lesiZande, ulimi olukhulunywa ezingxenyeni ezithile zaseCentral African Republic, eSudan, naseDemocratic Republic of Congo. Kuleyo ngxenye yomhlaba, abantu bayalisebenzisa igama likaNkulunkulu, balibhale ngokuthi Yekova ngolimi lwabo lomdabu. Kungakhathaliseki ukuthi igama laphezulu libizwa kanjani ngolimi lomdabu, kubalulekile ukulisebenzisa. Ngani? Ngoba “wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”—Roma 10:13.

[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 32]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

SUDAN

CENTRAL AFRICAN REPUBLIC

DEMOCRATIC REPUBLIC OF CONGO

[Umthombo]

The Complete Encyclopedia of Illustration/J. G. Heck

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela