Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 8/15 k. 32
  • ISitifiketi Sezenzo Ezinhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISitifiketi Sezenzo Ezinhle
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 8/15 k. 32

ISitifiketi Sezenzo Ezinhle

YILOKHO i-Association of Congolese ne-African Journalists for the Development (AJOCAD) e-Democratic Republic of Congo ekunikezayo ukuze “iklomelise abantu noma izinhlangano zomphakathi eziziveza ngokufaka kwazo isandla ekuthuthukiseni [iCongo].”

Ngo-November 17, 2000, oFakazi BakaJehova banikezwa iSitifiketi Sezenzo Ezinhle “ngokufaka kwabo isandla ekuthuthukiseni abantu baseCongo ngokubafundisa nangezimfundiso ezisezincwadini zabo.”

Likhuluma ngalo mklomelo, iphephandaba laseKinshasa, i-Phare lathi: “Kunzima ukuthola umuntu waseCongo ongakaze abafunde omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, abanyatheliswa oFakazi BakaJehova. Lab’ omagazini bakhuluma ngazo zonke izici zokuphila.” Leso sihloko saphawula ukuthi lezi zincwadi zibonisa “indlela yokubhekana nezinkinga zanamuhla” zibonise nokuthi “zisho ukuthini ngempela izehlakalo zanamuhla.” I-Phaphama! ngayinye “ihlala ingathathi-hlangothi kwezombangazwe, futhi ayiphakamisi olunye uhlanga ngaphezu kolunye.” Ngaphezu kwalokho, lezi zincwadi zakha “ithemba esithembisweni soMdali sezwe elisha elinokuthula nelilondekile eselizothatha isikhundla salesi simiso sezinto esibi samanje, esingenamthetho.”

Njengoba kuphawule i-AJOCAD, izincwadi zoFakazi BakaJehova ziye zazuzisa ingxenye enkulu yabantu baseCongo. Njengoba zitholakala ngezilimi eziningi, isigijimi sazo esinika ithemba singakuzuzisa nawe.

Siza ufunde ngezansi ubone ukuthi ungazuza kanjani.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela