Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 6/15 k. 32
  • “Amanxeba Omngane”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Amanxeba Omngane”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 6/15 k. 32

“Amanxeba Omngane”

UMPHOSTOLI UPAWULU wabona isidingo sokuyala amaKristu ekhulu lokuqala eGalathiya. Cishe ukuze agweme noma ikuphi ukungamukeleki, wabuza: “Pho-ke, ingabe sengibe isitha senu ngoba nginitshela iqiniso?”—Galathiya 4:16.

‘Ngokuwatshela iqiniso,’ uPawulu akazange abe isitha sawo. Empeleni, wayenza ngokuvumelana nesimiso seBhayibheli esithi: “Amanxeba omngane athembekile.” (IzAga 27:6, King James Version) Wayazi ukuthi kwakungase kuphele ukuzihlonipha kwabonayo. Noma kunjalo, wayeqaphela ukuthi ukungasiniki isoni iseluleko esisidingayo kwakungase kusilahlekisele uthando lukaJehova uNkulunkulu. (Heberu 12:5-7) Ngakho-ke, njengomngane othembekile nonesithakazelo esihlala njalo ngebandla, uPawulu akazange adebesele ukukhipha iseluleko esilungisayo.

Namuhla, oFakazi BakaJehova bafeza umsebenzi wabo ‘wokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . , bebafundisa ukugcina zonke izinto [uJesu Kristu abayale] ngazo.’ Ngokwenza kanjalo, la maKristu aqotho awayeki ukukhuluma ngamaqiniso eBhayibheli adalula futhi alahle iphutha elingokwezimfundiso ezinephutha nokuziphatha okungekona okobukristu. (Mathewu 15:9; 23:9; 28:19, 20; 1 Korinte 6:9, 10) Kunokuba abheke abanye njengezitha zokwaliwa, empeleni abonakalisa isithakazelo sabangane beqiniso.

Ngokuqonda okuphefumulelwe ngokwaphezulu, umhubi wabhala: “Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi.”—IHubo 141:5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela