Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 5/1 k. 19
  • Kwasuswa Isihlamba Egameni LikaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwasuswa Isihlamba Egameni LikaNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Engingayenza Ukuze Sizwane Nothisha Wami?
    Intsha Iyabuza
  • Ngingasebenzelana Kanjani Kahle Nothisha Wami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Abantwana Besikole BaseNigeria Bayabusiswa Ngenxa Yokwethembeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Othisha—Kungani Sibadinga?
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 5/1 k. 19

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Kwasuswa Isihlamba Egameni LikaNkulunkulu

IZWI likaNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “Londolozani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze kuthi, entweni ezikhuluma kabi ngani kuyo njengokungathi ningabenzi bokubi, zikhazimulise uNkulunkulu ngosuku lokuhlola kwakhe ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.” (1 Petru 2:12) Ngakho-ke, amaKristu eqiniso azama ukulondoloza ukuziphatha okuhle ukuze agweme ukuhlazisa igama likaJehova.

Endaweni ethe qekelelé ebizwa ngokuthi iSenanga, eZambia, uthisha wesikole wantshontshelwa umsakazo emzini wakhe. Njengoba kwakukade kunoFakazi BakaJehova beshumayela kule ndawo, le ndoda yamangalela bona ngokuntshontshelwa kwayo. Yabikela amaphoyisa, yathi ngoFakazi abantshontshe umsakazo wayo. Ukuze inikeze ubufakazi bokuthi oFakazi babekade besemzini wayo, yakhipha ipheshana eyayilicoshe phansi. Nokho, amaphoyisa awavumanga ukuyikholwa. Ayicebisa ukuba ihambe iyohlolisisa kahle.

UFakazi owayekade esebenza ngasemzini walo thisha ngalolo suku wakhuthazwa yindikimba yabadala ukuba ayokhuluma nothisha ngalolu daba. Abanye babazalwane bahamba bayokhuluma naye, bamchazela ukuthi bafuna ukususa isihlamba egameni likaJehova. Lapho kuxoxwa, bamtshela ukuthi babethole insizwa ethile endlini, bayinika ipheshana. Ngendlela abayichaza ngayo le nsizwa, uthisha wazi ukuthi ingubani. Empeleni, babesonta ndawonye. Uthisha wakhuluma nale nsizwa, kodwa yaphika ukuthi intshontshile. Uthisha wabe esexoxa nabazali bayo ngalolu daba, wayesephindela kwakhe. Kungakapheli nehora, kwafika unina wale nsizwa elethé umsakazo ontshontshiwe.

Ngenxa yokuzisola, uthisha waya endikimbeni yabadala wayocela ukuxolelwa ngokumangalela abantu abangenacala. Abadala bakwamukela ukuxolisa kwakhe kodwa bacela ukuba kwaziswe umphakathi ngalokho okwakutholakele ukuze wonke umuntu azi ukuthi oFakazi babengenacala. Kwenziwa isaziso esikoleni, kanjalo kwasuswa isihlamba egameni likaJehova. OFakazi BakaJehova bayakwazi ukuqhubeka beshumayela ngokukhululeka kuleyo ndawo.

[Amabalazwe/Isithombe ekhasini 19]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

I-AFRIKA

IZambia

[Umthombo]

Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela