Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 4/1 k. 32
  • Isenzakalo Okungafanele Sikuphuthele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isenzakalo Okungafanele Sikuphuthele
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 4/1 k. 32

Isenzakalo Okungafanele Sikuphuthele

“Zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele” zehla zivela kuNkulunkulu, uBaba wethu osezulwini.—Jakobe 1:17.

ISIPHO esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu aye wasinika isintu esinesono yilungiselelo lokuba sisindiswe ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu. Ukufa kukaJesu, uMhlengi wethu, kusenza sikwazi ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. KuLuka 22:19, siyayalwa ukuba sikwenze isikhumbuzo ukufa kwakhe.

OFakazi BakaJehova bakumema ngokufudumele ukuba uhlanganyele kanye nabo lapho belalela lo myalo kaJesu. Lo mkhosi waminyaka yonke uzogujwa ngemva kokushona kwelanga ngosuku oluqondana no-Nisan 14 ekhalendeni leBhayibheli—okuyiSonto, ngo-April 8, 2001. Luphawule lolu suku ukuze ungalukhohlwa. OFakazi BakaJehova basendaweni yakini bangakutshela indawo okuyohlanganwa kuyo nesikhathi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela