Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 3/1 kk. 3-4
  • Ingabe Ungajabula Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ungajabula Ngempela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokuyithola
    I-Phaphama!—2018
  • Bayajabula Abakhonza ‘UNkulunkulu Ojabulayo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Injabulo Yeqiniso Ekukhonzeni UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indlela Yokuthola Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 3/1 kk. 3-4

Ingabe Ungajabula Ngempela?

UGEORGE wayebingelela wonke umuntu ngokumamatheka. Kuye, ukuphila kwakuyisipho esiyigugu sokujatshulelwa. Wayephawuleka ngenjabulo yakhe nokuhlala enethemba lokuhle—waba njalo nakakhulu lapho eqala ukuhlushwa ukuguga. UGeorge waze washona aziwa njengomuntu ojabulayo. Ingabe wena uyajabula njengoGeorge? Ingabe usuku ngalunye ulubheka njengesipho sokujatshulelwa? Noma ingabe ukucabanga ngosuku olulandelayo kukwenza ungabi nandaba noma wesabe nokwesaba? Ingabe kunokuthile okukuphuca injabulo?

Injabulo iye yachazwa ngokuthi yisimo sokuzizwa kamnandi esihlala isikhathi eside. Ihambisana nemizwelo esuka ekwanelisekeni kuya enjabulweni enkulu nejulile kanye nesifiso esingokwemvelo sokuba lesi simo siqhubeke. Ingabe ikhona ngempela injabulo enjalo?

Namuhla, umphakathi ukhuthaza umbono wokuthi abantu ngabe bayajabula ukube nje bacebe ngokwanele. Izigidi zihlala zimatasa zizama kanzima ukuceba. Ngokwenza kanjalo, abaningi badela ubuhlobo babo nabanye kanye nezinye izinto ezibalulekile. Njengezintuthwane esidulini, bahlale bejahile, bengenasikhathi sokucabanga noma sabanye abantu. Ngokuqondakalayo, “inani labantu abatholakala becindezelekile lilokhu landa,” kusho umbiko we-Los Angeles Times, “futhi iminyaka yobudala abantu abaqala kuyo [ukucindezeleka] ilokhu yehla. . . . Imithi yokulwa nokucindezeleka iphakathi kwethengiswa kunayo yonke ezinkampanini ezenza imithi yokwelapha.” Izigidi zisebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni noma zizame ukucindezela izinkinga zazo ngokuphuza. Abanye bathenga bakhithize lapho bezizwa becindezelekile. Kokunye ukuhlola, “abesifazane babonakala bethambekele kakhulu ekuzelapheni ngokuthenga,” kusho iphephandaba laseBrithani i-Guardian. “Babethambekele ngokuphindwe kathathu ekuthengeni lapho becindezelekile, uma beqhathaniswa namadoda.”

Nokho, injabulo yangempela ayitholakali esitolo, ebhodleleni, ephilisini, emjovweni noma kuyi-akhawunti yasebhange. Injabulo ayidayisi; itholakala mahhala. Singasitholaphi isipho esiyigugu kanjalo? Sizoxoxa ngalokho esihlokweni esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela