Ingabe Ubunye Obungokwenkolo Buseduze?
“Lolu usuku olubalulekile emlandweni wamasonto ethu,” kusho uChristian Krause, umongameli weNhlangano Yomhlaba YamaLuthela. Ngokufanayo, uPapa John Paul II wakhuluma ‘ngengqopha-mlando emgwaqweni ozikhinsikhinsi wokubumba kabusha ubunye obugcwele phakathi kwamaKristu.’
Lezi zimemezelo ezenziwa ngomdlandla zazishukunyiswa ukusayinwa kweSitatimende Somfelandawonye Esingokomthetho ngo-October 31, 1999, e-Augsburg, eJalimane, esiqinisekisa iSimemezelo Sobumbano Emfundisweni Yokubizwa Ngabalungile. Isikhathi nendawo yalesi senzakalo kwakukhethwe kahle. Kuthiwa ngo-October 31, 1517, uMartin Luther waqonqothela iziphakamiso zakhe ezingu-95 esicabheni sesonto elisenqabeni eWittenberg, kanjalo eqala iNguquko YobuProthestani. Yebo, kuse-Augsburg lapho ngo-1530 amaLuthela adlulisela khona imfundiso yawo eyisisekelo, iSivumo Sase-Augsburg, esachithwa yiSonto LamaKatolika, kwaholela egebeni elingavaleki phakathi kobuProthestani nobuKatolika.
Ingabe iSimemezelo Sobumbano sizoba yigxathu elibalulekile ekuvaleni uqhekeko lwesonto, njengoba kushiwo? Akuwona wonke umuntu owayelindele okuhle. Izazi zemfundiso yenkolo ezingamaProthestani ezingaphezu kuka-250 zasayina isicelo esiphikisa lesi simemezelo, zixwayisa ngengozi yokulawulwa yiSonto LamaKatolika. AmaProthestani acasuka futhi lapho iSonto LamaKatolika limemezela unyaka ka-2000 njengowokuhlangulwa okukhethekile ezijezisweni zezono, okuyiwona kanye umkhuba owasheshisa ukuvuleka kwegebe eminyakeni engaba ngu-500 edlule. Futhi njengoba kokubili iSivumo Sase-Augsburg nokuchithwa kwaso uMkhandlu WaseTrent kusasebenza, kusekude ukuba kufinyelelwe ubunye.
Ukuhlukana nokungezwani okukweLobukholwa kukhulu kakhulu ukuba kungalungiswa ngokusayina noma yisiphi isimemezelo sobumbano. Ngaphezu kwalokho, ubunye okholweni buxhomeke ezinkolelweni ezisekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (Efesu 4:3-6) Kunokuba budalwe ukuzivumelanisa, ubunye beqiniso bubangelwa ukufunda nokwenza lokho uNkulunkulu akucela kithi. Umprofethi othembekile, uMika, wathi: “Bonke abantu bahamba kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.”—Mika 4:5.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
© Ralph Orlowski/REUTERS/Archive Photos