Ubuhle Bangaphakathi Buhlala Njalo
“INSIZWA ESENTSHA IBEKA UBUHLE NEZIMFANELO EZINHLE ESILINGANISWENI ESIFANAYO,” KUPHAWULA UMKRISTU OTHEMBEKILE OSEKHULILE.
Yebo, sekuyisikhathi eside abantu bethambekele ekugcizeleleni ngokwedlulele ubuhle bangaphandle, ngokuvamile okuholela ekwahluleleni kabi izimfanelo zangaphakathi. Nokho, uMdali wethu ubheka lokho esiyikho ngaphakathi ekujuleni, kungakhathaliseki ukubukeka kwethu kwangaphandle. Ngale ndlela, ubeka isibonelo esihle kakhulu sokwahlulela okuvuthiwe. NgokweBhayibheli, uNkulunkulu ngokwakhe wathi: ‘UJehova akabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.’—1 Samuweli 16:7.
UNkulunkulu unguMthombo wobuhle beqiniso bomuntu, futhi iZwi lakhe liveza ukuthi lapho elinganisa ubuhle bangempela bomuntu, izimfanelo ezingokomoya yizona ezibaluleke kakhulu. IBhayibheli lithi: “Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.” (IzAga 31:30) Ngempela, ukukhanga kwangaphandle kungamboza ububi bangaphakathi. (Esteri 1:10-12; IzAga 11:22) Nakuba ubuhle bangaphandle bungase buphele ngokuhamba kwesikhathi, ubuhle bangaphakathi—izimfanelo zenhliziyo—bungakhula futhi buhlale njalo.
Ngakho-ke, yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kangakanani ukuhlakulela izimfanelo ezinjengothando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene nokuzithiba! (Galathiya 5:22, 23) Ngaleyo ndlela singathola ubuhle bangaphakathi, lobo obunenzuzo ehlala njalo ngempela.—1 Petru 3:3, 4.