Ukuthula Kwezwe—Kuyofika Kanjani?
INGABE ukuthula kwezwe kuseduze? Abaningi babecabanga kanjalo ngaphambili kodwa manje bayangabaza. Ngokombiko okhuluma ngezinselele zekusasa lethu, onyatheliswe kuyi-Daily Mail & Guardian yaseNingizimu Afrika, “izibikezelo zohlelo olusha lomhlaba wonke ezazenziwa eminyakeni eyishumi nje edlule manje zibonakala ziwukuzithembisa okuhle ngendlela engakholeki.”
Abalobi baxoxa ngomoya wokuba nethemba owawusabalele eminyakeni eyishumi nje edlule. IMpi Yomshoshaphansi yayisanda kuphela, futhi ukubangisana kwemibuso emikhulu kwakungasekho. Kulokho okwakubonakala kuwukuqala kwenkathi entsha, abaningi babelindele ukuthi isintu sasiyoqala ukwenza intuthuko enkulu ekubhekaneni nobumpofu, ukugula nezinkinga zezemvelo. “Lezo zibikezelo manje zibonakala zingenakufezeka nakancane,” kusho lo mbiko. “Sekubheduke izimpi ezintsha ezindaweni esasingazinakile nakuzinaka; ubumpofu bezwe lonke buyaqhubeka banda. Kunemibuso emibili emisha esinezikhali zenuzi. Idumela le-UN lilimele kakhulu ngenxa yokusabela kwalo okungagculisi ezinhlekeleleni ezilandelanayo zezenhlalakahle. Isimo siyashintsha ekuboneni umphakathi omuhle ngokumangalisayo siya ekuboneni umphakathi owesabeka ngokumangalisayo.”
Abafundi beBhayibheli bayaqaphela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi mihle kangakanani, imizamo yomuntu ayisoze yaphumelela ngokugcwele. Ngani? Ngoba, njengoba kusho iBhayibheli, “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Uma nje lisalawulwa nguSathane, izwe alinakulethwa esimweni sePharadesi uNkulunkulu ayelidalele sona.
Ngesikhathi esifanayo, kunesisekelo sokulindela okuhle. UJehova uNkulunkulu uthembisa ukuletha ukuthula kwezwe, hhayi ngokuchibiyela lesi simiso sezinto, kodwa ngokuletha ‘umhlaba omusha’ ‘okuyohlala kuwo ukulunga.’ (2 Petru 3:13) Yebo, ngoMbuso kaNkulunkulu, imbulunga yethu iyoguqulwa ibe yikhaya elinokuthula nenjabulo, lapho ukuphila nomsebenzi kuyojabulisa njalo kuso sonke isintu esilalelayo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uthembisa ‘ukusula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.’ Lezi zithembiso azisekelwe ezibikezelweni zabantu ezintengantengayo. Kunalokho, zisekelwe eZwini loMdali elingashayi phansi, yena ongenakuqamba amanga.—IsAmbulo 21:4; Thithu 1:2.