“Isibonelo Sobunye”
LESO kwakuyisihloko sengosi yomhleli esanyatheliswa ephephandabeni lase-Indaiatuba, eSão Paulo, eBrazil. Obani ababeyilesi sibonelo? “OFakazi BakaJehova, abahlela ukwakha ‘iHholo LoMbuso’ elisha, njengoba ebizwa kanjalo amathempeli noma amahholo abo, babeka isibonelo esihle nesingokoqobo sokubambisana okungenakushalazelwa,” kuchaza umlobi.
Ubunye obuphakathi koFakazi BakaJehova buba sobala ezenzakalweni ezinjengalesi. Ngakho, lesi sihloko sathi: “Kuyakuthinta ukubona izisebenzi zokuzithandela zabesilisa, abesifazane nentsha zisebenza ndawonye ngokuzithandela zakha indawo ezingahlanganyela kuyo zikhulekele uNkulunkulu.”
OFakazi BakaJehova babeka isibonelo esihle nakwezinye izici. “Ngaphezu kokutadisha nokuthandaza, inhloso yabo iwukuhlenga imilutha yotshwala neyezidakamizwa nokubonisa abantu indlela yobumbano nothando,” kunezela le ngosi. Bakufeza kanjani lokhu? OFakazi bayazi ukuthi ukufunda nokusebenzisa iseluleko seBhayibheli kusiza umuntu ukuba ahlukane nobubi. Yingakho bezama ukufundisa abanye lokho bona abakufundile eBhayibhelini. Le ngosi iphetha ngokuthi isibonelo sabo “siyisibonelo okungangabazeki ukuthi kudingeka silandelwe ngokuphuthumayo.”
Umphakathi wamukelekile emihlanganweni yoFakazi BakaJehova futhi akukho nkongozelo. Umenywa ngokufudumele ukuba uvakashele iHholo LoMbuso eliseduze nawe.