Uthando LobuKristu—Aluyona Nje Into Eshiwo Ngomlomo
LAPHO umuzi wakwaBartholomew eTrinidad usha ungqongqa, lo mkhaya walahlekelwa yikho konke ngaphandle kokuphila kwawo. Isihlobo esihlala eduze sakwa-zi ukuwukhoselisa, kodwa akuphelelanga lapho.
U-Olive Bartholomew ungomunye woFakazi BakaJehova, futhi amalungu ebandla akhonza kulo—nawasemabandleni aseduze—aqala ukunikelela umkhaya wakhe ukuze kwakhiwe kabusha umuzi wakhe owawushile. Kwamiswa ikomiti eyayizokwengamela umsebenzi wokwakha, kwase kuqalwa ukwakha. KwakunoFakazi abangaba ngu-20, kanye nomakhelwane abathile. Ngisho nentsha yafaka isandla, kanti abanye babelungisa ukudla okululana.
U-Olive wathi: “Umkhaya wami uswele amazwi,” njengoba kwabikwa kuyi-Sunday Guardian yaseTrinidad. “Ababona oFakazi, futhi umyeni wami usashaqekile ngenxa yale nto ayibonayo.”
Lapho efingqa lokho okwenziwe, umqondisi womsebenzi wokwakha wagcizelela ukuthi izenzo ezinjena ziwuphawu oluhlukanisa ubuKristu beqiniso ngempela. “Asigcini nje ngokungena ezindlini ngezindlu sikhuluma ngothando,” esho. “Sizama ukukwenza lokho esikushumayelayo.”—Johane 13:34, 35.
[Izithombe ekhasini 32]
U-Olive Bartholomew nomyeni wakhe