Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w00 9/1 k. 32
  • Lapho Ukuthula Kunikeza Imvume

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ukuthula Kunikeza Imvume
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
w00 9/1 k. 32

Lapho Ukuthula Kunikeza Imvume

INCWADI ethi Betrayal—German Churches and the Holocaust ikhuluma ingagunci ngendima yenkolo ekubuseni kwamaNazi. “Ukusekela uhulumeni kwakuyinto evamile phakathi kwamaKristu,” kusho le ncwadi, “futhi amaningi ahluleka ukukuphikisa ukushushiswa kwamaJuda. Ukungathi vú, ngale ndaba, kwakusho okukhulu.”

Yini eyayikhanga labo ababezisholo ukuthi bangamaKristu ukuba babe amaNazi? Incwadi iyachaza ukuthi, abaningi babethonywa indlela uHitler “ayewusebenzisa ngayo umthetho nokuhleleka emphakathini waseJalimane.” Ithi: “Wayemelene nezithombe zobulili ezingcolile, ukuthengisa ngomzimba, ukukhipha isisu, ubungqingili, ‘namachilo’ asebucikweni besimanje futhi wayehlomulisa abesifazane ababenezingane ezine, eziyisithupha, neziyisishiyagalombili, ngezindondo zethusi, isiliva nezegolide, ngaleyo ndlela ebakhuthaza ukuba bangasuki endimeni yabo engokwesiko emakhaya. Ukuthanda ukudla ngoludala, kuhambisana nokushisekela izwe kwempi uHitler akuletha lapho esabela ekudumazekeni kwesizwe ngenxa yeSivumelwano SaseVersailles, kwenza ukuba abaningi bakhangwe ubuNazi, ngisho namaKristu amaningi eJalimane.”

Kwakunelinye iqembu elalihluke ngokuphelele. I-Betrayal ithi, “oFakazi BakaJehova, benqaba ukuhlanganyela ebudloveni noma ekusebenziseni izikhali zempi.” Ngokungenakugwenywa, lokhu kwaholela ekuhlaselweni okunonya kwaleli qembu elincane, futhi amalungu alo amaningi afakwa ezinkanjini zokuhlushwa. Noma kunjalo, abanye ababezisholo ukuthi bangabalandeli bakaKristu abazange bathi vú. Incwadi iyaqhubeka ithi: “Kunokuba azwelane noFakazi BakaJehova, ngokuvamile amaKatolika namaProthestani ayebaphatha kabi, futhi ayehambisana nesihluku sikaHitler kunokuba ahambisane noFakazi ababemelene nempi.” Ngokungangabazeki ukuthula kwawo la masonto kwenza ukuba ukuhlukunyezwa koFakazi kuqhubekele phambili ngaphansi kombuso wamaNazi.

Nakuba ukuhileleka kwamasonto kwezombangazwe zamaNazi kuqhubeka kuyimpikiswano eshisayo, i-Betrayal ithi oFakazi BakaJehova “bayiqembu lenkolo elenqaba ukwamukela noma ukusebenzelana nohulumeni.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela