Isifundo Esivela Etilosini
UKUHAMBA wedwa ngomkhumbi kudedangendlale wolwande kungakukhandla. Kalula nje ukungaqaphi okubangelwa ukutubeka kungabeka itilosi esimweni esiyingozi, lenze amaphutha nezinqumo ezingafanele. Ngenxa yalokhu, liyakuqonda ukubaluleka kwehange lomkhumbi olwandle. Ihange lenza itilosi elikhathele likwazi ukuphumula libuyise amandla ngaphandle kokuntanta ngendlela eyingozi. Ngesikhathi esifanayo, ihange lasolwandle liphoqa umkhumbi ukuba ume ubheke lapho umoya namagagasi kuqhamuka ngakhona, okwenza umkhumbi uzimelele kangcono kakhulu.
Njengoba nje amatilosi ebhekana nezingozi eziningi olwandle, namaKristu ahlale ebhekene nezingcindezi zaleli zwe futhi ayezwa ukuthi adinga ukuphumula. Eqinisweni, uJesu wake wacebisa abafundi bakhe: “Wozani, nina ngokwenu, ngasese endaweni engenabantu futhi niphumule kancane.” (Marku 6:31) Namuhla, abathile bangase bathathe amasonto ambalwa bevakasha noma bathathe impelasonto ukuze baphumule nemikhaya yabo. Lezi kungaba izikhathi eziqabulayo futhi ezibuyisa amandla. Nokho, singaqiniseka kanjani ukuthi siphephile ngokomoya ngezikhathi ezinjalo? Yini engaba yihange lethu lasolwandle elingokomoya, isisize singantanteli kude futhi siqhubeke sizimelele?
Ngomusa, uJehova uye wasenzela ilungiselelo elithile. LiyiZwi lakhe Elingcwele uqobo, iBhayibheli. Ngokulifunda nsuku zonke, singahlala siseduze noJehova futhi singalokothi sintante sisuke kuye. Iseluleko salo singasizimazisa futhi sisenze sikwazi ukumelana nezilingo zikaSathane nezwe lakhe. Ukunamathela esimisweni sokulifunda njalo iBhayibheli, ngisho nalapho singenzi izinto esivame ukuzenza, kungaba yihange ngokomoya kithi.—Joshuwa 1:7, 8; Kolose 2:7.
Umhubi usikhumbuza ukuthi ‘uyajabula umuntu onjabulo yakhe isemthethweni kaJehova, ofunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku.’ (IHubo 1:1, 2, NW) Ukufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke kuyosilethela umphumela ‘ojabulisayo’ wokuqabuleka nokuthola amandla kwangempela, sikulungele ukuqhubeka enkambweni yethu yobuKristu.