Imisebenzi Emihle Ikhazimulisa UNkulunkulu
ABATHANDA uNkulunkulu bazama ukubonisa ukukhanya okungokomoya okuseZwini lakhe, iBhayibheli. Ngale ndlela, balandela umyalo kaJesu othi: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Mathewu 5:16) Amazwi kanye nokuziphatha okuhle kungakhazimulisa uNkulunkulu.
OFakazi BakaJehova bafuna ukujabulisa uNkulunkulu ngokwenza izinto ngendlela evumelana neBhayibheli nangokuzama ukusiza abanye ngokomoya. Lokhu bakwenza ngisho nasemazweni lapho inkonzo yabo yasobala ingakagunyazwa ngokomthetho. Enhloko-dolobha yelinye lala mazwe, oFakazi bebelokhu beqhuba imihlangano yaminyaka yonke ethanyelwa abantu abasuka ku-6 000 kuya ku-9 000. Baye baqasha amahholo asezinkundleni zemibukiso ukuze kuqhutshwe le mihlangano. Njengoba benza eminyakeni edlule, ngaphambi komhlangano wabo ngo-1999, amakhulu oFakazi asebenza kanzima ehlanza izindawo futhi emisa isimiso se-sound kanye nezinkulungwane zezihlalo.
Wonke la malungiselelo aqashelwa. Abaphathi bale nkundla bayiqaphela le misebenzi. Babona nokuthi nakuba kwakunenani eliphakeme labantu abangu-15 666 ababa khona, konke kwahamba kahle futhi oFakazi babehleleke kakhulu. Laba baphathi bahlatshwa umxhwele nawukukhuculula okwenziwa ngemva kwesimiso.
Laba baphathi bendawo babonisa ukwazisa ngakho konke lokhu ngokufaka oFakazi ohlwini lwabaqashi abazocatshangelwa kuqala ukuze babe abokuqala ukuthola ithuba lokuqasha leso sakhiwo ngonyaka olandelayo. Kodwa laba baphathi benza nokwengeziwe. Ngo-July 15, 1999, banikeza ikomiti yomhlangano umklomelo wokwazisa. Oqwembeni lwalowo mklomelo kwakubhalwe amazwi athi “ibandla loFakazi BakaJehova”—into ebingalindelekile ezweni lapho umsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli ubekelwe imigoqo khona.
Emhlabeni wonke ngo-2000/2001, kulindeleke izigidi eMihlanganweni Yesigodi engamakhulukhulu ‘Yabenzi Bezwi LikaNkulunkulu’ ezoqhutshwa oFakazi BakaJehova. Ngokuba khona, ungazibonela ngawakho indlela abakwenza ngobuqotho ngayo lokho okushiwo eBhayibhelini nendlela abahlanganyela ngayo emisebenzini emihle ekhazimulisa uNkulunkulu.