Kungani Kufanele Uthethelele?
“OSOSAYENSI baphakathi nocwaningo oseluqale ukubonisa ukuthi ukuthethelela kungathuthukisa impilo engokomzwelo, futhi cishe, nengokomzimba,” kubika i-Toronto Star yaseCanada. Nokho, uProfesa Carl Thoresen waseStanford University, e-U.S.A., ongumcwaningi oyinhloko kuyi-Stanford Forgiveness Project, uphawula ukuthi “bambalwa kakhulu abantu abaqondayo ukuthi ukuthethelela kusho ukuthini futhi kusebenza kanjani.”
Ukuthethelela ngobuqotho kubhekwa njengesici esibaluleke kakhulu ebuKristwini. Umbiko we-Toronto Star ukuchaza ngokuthi “ukuqaphela ukuthi woniwe, uyeke konke ukucasuka okudalekile futhi ekugcineni umbonise isihawu ngisho nothando umuntu okuphathe kabi.” Akumelwe kudidaniswe nokushalazela, ukubeka izaba, ukukhohlwa noma ukuphika ukoniwa; futhi akusho ukuphinda uzibeke esimweni sokuxhashazwa. Lo mbiko uthi isihluthulelo sokuthethelela kwangempela ‘siwukuyeka ukuthukuthela nemizwa engaqondile.’
Abacwaningi bathi izinzuzo ezingokomzimba zokuthethelela kusadingeka zihlolwe kanzulu ngokwengeziwe. Nokho, kunezinzuzo abazibikayo ezingokwengqondo, ezihlanganisa “ukwehla kokucindezeleka nokukhathazeka.”
Isizathu esihle kakhulu sokuthethelela sivezwe kweyabase-Efesu 4:32, ethi: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.” Lapho kuziwa ekuthetheleleni, njengakwezinye izici, sinxuswa ukuba sibe ngabalingisi bakaNkulunkulu.—Efesu 5:1.
Ukwenqaba ukuthethelela abanye lapho kunesisekelo sokubonisa isihe kungaba nemiphumela emibi ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu. UJehova ulindele ukuba sithethelelane. Khona-ke singathandazela ukuba asithethelele.—Mathewu 6:14; Marku 11:25; 1 Johane 4:11.