Ubani Oyoqeda Ubudlova?
NGO-SEPTEMBER 1999, uNobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene, uKofi Annan, wamukela izihambeli zomhlangano wama-54 waminyaka yonke woMkhandlu-jikelele. Njengoba kwabika i-Toronto Star, waphonsela abaholi bezwe inselele ngokuthi: “Kunabantu abaningi abadinga okungaphezu nje kwamazwi ozwela avela ezweni lonke. Badinga ukuzinikela kwangempela nokuqhubekayo ukuze bophulwe ebudloveni obungapheli, futhi bahlahlelwe indlela ephephile eya ekuchumeni.”
Ingabe iZizwe Ezihlangene namazwe angamalungu azo ‘zingazinikela ngempela nangokuqhubekayo’ ukuze kuqedwe ubudlova? Kuwo lowo mbiko we-Star kwacashunwa umongameli wase-United States uBill Clinton ethi: “Njengoba sesibone konke ukuchithwa kwegazi kwaleli khulu leminyaka, siyazi ukuthi kulula ukukusho ukuthi ‘ngeke kuphinde,’ kodwa kunzima kakhulu ukukwenza kube njalo.” Wanezela: “Ukuthembisa izinto ezinkulu ngokweqile kungaba nonya njengokungabi nandaba.”
Eminyakeni engu-2 500 edlule, umprofethi uJeremiya wathi ngemizamo yomuntu: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Yiliphi-ke ithemba elikhona lokuthi ubudlova buyoke buphele?
Njengoba sifunda ku-Isaya 60:18, uNkulunkulu wanikeza isiqinisekiso esithi: “Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho.” Leso siprofetho sagcwaliseka okokuqala lapho uNkulunkulu ebuyisela abantu bakhe ababedingisiwe ezweni labo. Sinanokugcwaliseka okukhulu esingakujabulela. UJehova uNkulunkulu ‘akathembisi izinto ezinkulu ngokweqile.’ NjengoPhezukonke noMdali wesintu, usesimweni esingcono kakhulu sokuba aqede ‘ubudlova obungapheli.’ Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, kuyogcwala ukuthula. Ubudlova buyobe bungasekho unomphela!—Daniyeli 2:44.