Ukuqhubeka Uthembekile KuJehova
UKWETHEMBEKA, nakuba kuyivela-kancane namuhla, kuyimfanelo ephawula izinceku zikaNkulunkulu weqiniso, uJehova. Umuntu othembekile uyaqhubeka eqinile ovivinyweni futhi angazanyazanyiswa ngisho nangokuhamba kwesikhathi. Cabanga ngenkosi enhle uHezekiya. IBhayibheli lithi: “[Akubangakho] onjengaye phakathi kwawo onke amakhosi akwaJuda nakuwo ayengaphambi kwakhe.” Yini eyenza uHezekiya wahluka? “Wabambelela kuJehova,” nakuba ayezungezwe abakhulekeli bakankulunkulu wamanga uMoloki. Yebo, uHezekiya “akasukanga ekumlandeleni [uJehova], kepha wagcina imiyalo yakhe.”—2 AmaKhosi 18:1-6.
Umphostoli uPawulu ngomunye owaqhubeka ethembekile kuJehova. Umlando wenkonzo yakhe otholakala emiBhalweni YamaKristu YesiGreki unobufakazi obuqinile bokuthi uPawulu waqhubeka enikela inkonzo yomphefumulo wonke kuNkulunkulu. Ngasekupheleni kokuphila kwakhe kwasemhlabeni, uPawulu wayengathi ngaye ngokwakhe: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.”—2 Thimothewu 4:7.
Yeka ukuthi uHezekiya noPawulu bayizibonelo ezinhle kanjani zokwethembeka! Kwangathi singalingisa ukholo lwabo ngokuqhubeka sithembekile kuNkulunkulu wethu Omkhulu, uJehova.—Heberu 13:7.