Abazali Bezwakalisa Ukungahambisani Nokucwasa Kukathisha
Uthisha wasenkulisa eCassano Murge, e-Italy, wanika ezinye zezingane azifundisayo amapheshana ananyatheliswayo ukuze zigoduke nawo. La mapheshana, ayehloselwe ukunanyatheliswa emnyango ongaphambili, ayenesaziso esithi: “SingamaKatolika. Sicela oFakazi BakaJehova bangangqongqozi kulo mnyango.”
Abanye babazali balezi zingane, nakuba bona bengebona oFakazi BakaJehova, abahambisananga neze nezenzo zalo thisha. Ngokwephephabhuku i-Muoviti Muoviti, laba bazali bathi ‘ukunika izingane umyalezo onjengalona kuwumthelela ekuzenzeni zingamukeli muntu ocabanga ngendlela ehlukile kweyazo noma zikhiphe umuntu inyumbazane ngoba “ehlukile” ngokwenkolo.’ Omunye umzali owabhalela leli phephabhuku wabiza leli pheshana ngokuthi “imbewu yokhula, umkhiqizo wokungazi nobuwula.”
Njengoba lo mbiko ubonisa, abantu abaningi abanezingqondo ezivulekile bayaziqaphela izingozi zokutshala imbewu yokucwasa abanye. Futhi bayayihlonipha inkonzo yobuKristu eyenziwa oFakazi BakaJehova kulo lonke elase-Italy nasemhlabeni wonke. Kungani ungababuzi ‘isizathu sethemba elikubo’? Bayoba magange ukuxoxa nawe ngaso, bekwenza “ngenhlonipho ejulile.”—1 Petru 3:15.